Kwasukasukela
Cosu!
Kwakukhona
Simpheke ngobhozwana!
Kwakukhona uchakijana logogo. Uchakijana
wayehlakaniphile wahlala wacabanga ukuthi angayithola kanjani inyama?
Waqhamuka nesu, wathi 'gogo,gogo asidlale umaphekaphekana', wavuma ugogo. Wathi
uchakide ngizoqala ukungena ebhodweni. Uma sengivuthiwe ngizothi 'tshiyo tshiyo
sengivuthiwe'.
Waqala uchakijana wabasa ugogo umlilo
lashisa ibhodwe washo uchakijana tshiyo tshiyo sengivuthiwe amkhiphe ugogo
njengesivumelwano. Bese kungena ugogo asho ugogo 'tshiyo tshiyo sengivuthiweaphendule uchakijana, uvuthwe nini izinkobe
zababa zingakavuthwa.Aqhubeke uchakijana abase sishe isalukazi
size sivuthwe. Ashintshe uchakijana agqoke izingubo zikagogo. Zifike izingane
zibuya esikoleni. Gogo sicela ukudla, uchakide aziphakele inyama kagogo. Zidle
izingane ithi eyodwa kwafana nozipho lagogo lokhu athi uchakide d'lana ukudla
wena ukuyeke uma ungakufuni, zadla zasutha izingane zingazi ukuthi zidla inyama
kagogo wazo. Wathi uchakide pe! pe! naze namudla ugogo wenu! Pe! pe! naze
namudla ugogo wenu'.
Cosu! Cosu!
Iyaphela.
No comments:
Post a Comment