Kwasukasukela!
Kwakukhona unkosikazi nendoda,
babenomntwana oyedwa womfana igama lakhe kwakunguMadinqi. Babefisa ukuba
nomunye umntwana wentombazane kodwa babengamtholi. Umfana wayenesizungu edlala
yedwa, kuthe ngelinye ilanga ubaba wakhe wakhuluma noMama womfana ukuthi
kungcono bamthengele inja azodlala nayo. Wavuma umama, yathengwa inja
eyithanda futhi eyinakekela umfana.
UMadinqi wayesekhulile eseneminyaka
eyishumi nanye, abazali bakhe babona kungcono ukuthi baye enyangeni ukuze
bathole omunye umntwana. Nangempela baya enyangeni bayichazela inkinga yabo.
Inyanga yabe isithi ababothuma uMadinqi azolanda umuthi ngoba isazoya
kowumba ewuhlathini. Ngosuku olulandelayo bamthuma uMadinqi abazali
bakhe ukulanda umuthi mamuyala ukuthi angawuvuli aze afike ekhaya. Nenyanga
yafike yamdonsa ngendlebe umfana ukuthi angawuvuli umuthi endleleni.
UMadinqi wawuthatha umuthi wabe
eseyahamba. Endleleni wawuvula umuthi wawuphuza wawuzwa umnandi, wawuphuza
kwaze kwasala omncane, wathi uma efika ekhaya wawunikeza uMama wakhe. UMama kaMadinqi
wawuphuza umuthi, zahamba izinsuku nezinyanga kwangenzeka lutho kodwa
uMadinqi yena wayekhukhumalelwa yisisu. Kwathi langa limbe uMadinqi eyocupha
izinyoni wezwa elunywa isisu, wathi ezikhulula kwaphuma ingane enhle
yentombazane, wayithatha wayisonga ngejezi wabe eseyifihla ehlathini.
Njalo ekuseni wayethi uma esehamba eya
kocupha athathe ubisi aluthele esitsheni afike ehlathini ayincelise. Kwahamba
kwahamba, wasola uMama wakhe ukuthi kukhona okushaya amanzi ngoba
wayengajwayele ukuya njalo kocupha izinyoni. Kwathi ngosuku
olulandelayo wamlandela, uMadinqi engamboni uMama wakhe waze wayofika
ehlathini. UMadinqa wenza njengenjwayelo wathi uma eseqedile wabe esebuyela
ekhaya. UMama wakhe wasala wayithatha ingane wabuyela nayo ekhaya
wafike wayifihla. UMadinqi wathi usephindela wafica ingane ingasekho, wabuyela
ekhaya edumela. Wafike wahlala eduze kweziko wakhala. Wambuza uMama wakhe
ukuthi ukhalelani wathi uxhoshwa intuthu. Wahamba umama kaMadinqa wayolanda
ingane wabuya nayo wayinika uMadinqi, wajabula kakhulu uMadinqi eseyibona
isithengelwe nezingubo ezinhle nobaba kaMadinqa wajabula esenezingane ezimbili.
Cosu iyaphela!
No comments:
Post a Comment