uma ukhulelwe nokubonwa kwengane uma isizelwe ngabomndeni
wakubo kamfana.
Zinengi izinto ezilandelwa yimideni eyahlukene,
okuyizinkolelo zakhona njengokuthi uma umuntu wesifazane ekhuleliswe khona
abomndeni lowo bacele ukubona isisu sakhe.Lokhu kwenziwa ngesikhathi umuntu
eqhutshiwe ukuzobika isisu njengokwesiko noma vele useqala ukugana kulowomuzi.
Kubalulekile ukubonwa kwengane ukuthi ngeyakulowomuzi yini noma cha. Abantu
abadala babengakhombisi ukungathembi okushiwoyo kodwa babelandela isiko
elenziwayo kulowomuzi.
Uma lowo owesifazane okhulelwe esenezinyanga eziyisithupha
wayeuelwa ukuthi akhumule ngenhla ame abheke ngaselangeni ekuseni. Abadala
babazi ukuthi bafuna ukubona ingane inyakaza kodwa wayengatshelwa owesifazane.
Ngokuhlonipha wayenza njengoba eyalelwe ame aveze isisu sakhe sibheke elangeni.
Kuthiwa wayeme size sinyakaze noma ingane inyakaze bese beyeneliseka abadala
ukuthi ngeyakulowomuzi ingane. Kuthiwa lomkhuba waqala ngokuthi kube nabantu besifazane
ababethi bakhulelwe kanti akunjalo. Umakoti wayebala izinyanga kuzwakale
esekhala ngokuthi usephuphunyelwe yisisu kuthi uma ebhekwa izalukazi zimfice
esezinsukweni zakhe. Kuthiwa lokhu babekwenziswa ukuthi babefuna ukugana
kulowomuzi.
Kuthiwa izalukazi kwahamba kwahamba zayibona ukuthi ayikho
lento nokuthi abanye omakoti badlala ngazo. Imibono yabantu abadala
yayihlonishwa kakhulu ngalesosikhathi futhi kwakunenkolelo yokuthi ayishayi
eceleni. Okunye ukuthi kuqala amadoda ayeba nesithembu kube nesimo sokuthi uma
omunye womakoti engazali wayekwazi ukuntshontsha ingane kamnakwabo athi
ngeyakhe okwakususa ingxabano kodwa kugcine kungaziwanga iqiniso ngoba
babekhulelwe ngesikhathi esifanayo. Lokubomwa kwesisu kwakwenziwela ukuthi
lesimo. Izalukazi zaqhamuka nalesu ukuze umuntu abonakale futhi aziwe uma
ekhulelwe. Ngoba kuqala yayingekho imithola mpilo emakhaya umuntu wayezalela
ekhaya ezaliswa izalukazi.
Uma ingane isizelwe izalukazi zasemndenini zazifika
ngobuningi bazo ukuzobona ukuthi umntwana owabo yini. Ngoba kwakungenzeka
ukuthi umakoti ubekhulelwe nje kanti ingane akusiyona eyakhona lapho ekuthiwa
eyakhona. Uma isiboniwe abantu bakhona abadala kuzonqunywa usuku lokuzobona
umntwana ngokwesiko lesintu. Kuyagaywa utshwala lwesintu kubanjwe inkukhu egcekeni
kuphekwe namadombolo. Bazofika omakhelwane bephethe izipho baphe umntwana bese
kuyadliwa.
Uma umntwana ezalelwe ekhabonina
Izikhathi ziyashintsha njengoba amantombazane esekwazi ukuthi
athole umntwana engaganile. Uma umuntu ezalele ekhaya kuba abasemzini abaya
ukuyobona umntwana. Abahambi bengaphethe lutho kufanele kube khona izipho
abamphathela zona. Ngalesikhathi umndeni usuke ufuna ukuqinisekisa ukuthi
umntwana ngowabo ngoba abanye umntwana bayamkhumula zonke izingubo azigqokile
abhekwe izimpawu zomndeni njengokuthi abanye babheka izinyawo, izandla,
izindlebe amabala asemzimbeni njalonjalo. Uma kukhona abakufanisayo bayezwakala
bephimisela ukuthi lokho kufana nokukabani.
Kuyothi uma umntwana eseqede izinyanga ezintathu ahambe aye
kubokwakhe eseyobonwa yiwo wonke umuntu womndeni. Lapho wonke umuntu osuke
ekhona uyamkhunga umntwana ngemali nangezipho. Abanye abantu basakholelwa
ekutheni umntwana uyakhungwa ngaphambi kokuthi abonwe khona engeke akhale uma
ephethwe. Kuyasiza ukubonwa kwengane uma isencane. Nokuthi ingane ingenzewa
isiko kanti akusiyo ayakulowomuzi. Ngoba kukhona izibongo uma ingane yenzelwa
usiko lakhona kanti akusiyona eyakhona iyashona. Zonke lezinto ezenziwa
ngabantu abadala basuke bevikela izimoeziwubungozi.
No comments:
Post a Comment