Kwesukasukela! Cosi!
Kwakukhona!
Kwakukhona umama ehlala lengane yakhe, kulendawo ababehlalakuyo yayilamazimuzimu. Umama wayethi uma esiya emsebenzini ayitshiye yodwa ingane. Wathi umama kuyo uma ngibuya ngizothi imina mtanami imina umama wakho, ngicela ungavuleli muntu lapha endlini ngize ngibuye. Nangampela kwasa ngakusasa wahamba umama. Kanti izimuzimu liyezwa, lathi ngilambe kanje ushiya ingane yodwa lashonakhona. Lasho ngezwi elibi elihhadlazelayo yimina mtanami imina umamawakho. Yaphendula ingane akusilo izwi likamama leli.

Lahamba izimuzimu laya enyangeni
lathi nginenkinga la kukhona ingane engiyifunayo lapha umamawayo uyishiya yodwa
emini. Yabhodla inyanga yathi thatha ilahle ulifake emphinjeni uzoba nezwi
elincane njengomuntu wesifazane. Lathi selikwalo labona kunzima
ukwenzalento lithi kodwa ngoba inyama ngizokwenza njani. Nangempela lenza
njengoba kushiwo, nangempela lashintsha izwi. Lashona kulomuzi walomama
lamemeza vula mtanami imina umama wakho, yavula ingane langena layithatha
ingane. Lahamba nayo ingane, lathi lihamba endleleni labona komunye umuzi
kuphithizela langena kulomuzi. Lacela baliphe ukudla lathi ngizonizwisa
umgodlagodla wami ukuthi ungcwele kanjani, yasho yacula ingane esakeni
[ngangahlelembizeni kwafikindodendala]. Nangempela yacula ingane bezwa ukuthi
kukhona into esakeni.
Umama wayizwa ingane yakhe wathi medemu
kwangathi ingane yami nje leyo. Bacabanga isu balithuma izimuzimu ukuthi
aliyokha amanzi kanti bazolinika ukhamba oluvuzayo. Lithe lisahambile
bayikhipha ingane, bafaka izinto ezilimazayo esakeni. Bezwa limemeza
kuyavuzavuza! baluphendule nameka ngodaka! lazelafika bali phakela ladla ladla
laze laphuza nesizulu. Lagoduka lithe lifika kwalo lathuma ingane yalo yathi
ifake isandla izwe ukuthi khonani yakhala ingane yathi kuyalumaluma.
Wayithethisa wathi iyabheda wathuma enye nayo yakhala waze waziyela yena kanti
akukho lutho esakeni.
Cosi! Cosi ! iyaphela
No comments:
Post a Comment