UMantolwane wayehlala yedwa entabeni.
Wayehlala endlini encane. Engazihlanganisi nabanye abantu. UMantolwane wayefuye
ikameli, wayethwala ngalo izinto zakhe uma ehamba.Kwakubanda ngalobobusuku.
Wabophela ikameli emnyango, ngentambo ende. Wase eyazisonga naye ngengubo
walala. Engakutholi ukufudumala phezu kokuba esezisongile ngengubo. Lase
limemezile ikameli ‘Nkosi yami’ ngiyagodola lapha ngaphandle.Ungeze wangivumela
ngifake ikhala endlini ukuze lifudumale.Waphendula uMantolwane ‘yincane lendlu
ngeke size senele kulendlu sobabili. Nokho-ke ngiyakuvumela ukuba ufake ikhala
lodwa.
Ikameli lalifaka ikhala kuthe ngemuva
kwesikhashana lamemeza futhi ‘Nkosi yami. Ikhala selifudumele. Kodwa amadlebe
ayabanda. Angikholwa ukuthi ngiyokuzwa ngawo kusasa ngingewafake wona athole
ukufudumala.UMantolwane wathi, "Bengikutshelile ukuthi ayikho indawo yethu
sobabili lapha endlini yincane. Nokho-ke wafake amadlebe wodwa ungadlulisi
kuwo.
Lawafaka ikameli amadlebe endlini.
Lezwakala futhi selimemeza ‘Nkosi yami. Sengifile amakhaza entanyeni. Angiboni
ukuthi ngingase ngisebenze kusasa uma kungazekuse intamo igodola kangaka.
Ungengivumele ngiyifake lapha endlini? UMantolwane, "Awuzwa yini ngithe
ayikho indawo yethu sobabili kulendlu! Nokho-ke ngiyayazi ingozi yokungenwa
amakhaza entanyeni. Yingenise intamo yodwa nje. Layifaka intamo ikameli
yafudumala lathi imilenze yami yangaphambili isifile ngamakhaza. Ngingeze
ngakwazi ukuhamba ngayo kusasa uma ingenwe ngamakhaza. Ungangivumela ngiyifake.
UMantolwane wathi awuzwa yini umangithi kulendlu ayikho indawo yethu sobabili?
Yifake imilenze yangaphambili yodwa. Ungadlulisi.
Ikameli layifaka imilenze, lase libuye
lithi ‘Nkosi yami’ Sengifudumele lapha ngaphambili kodwa ngiyagodola lapha
ngasemuva kungase kwenzeke kuse ngigula. Alabe lisacela manje ikameli lamane
langena nje lama phezu kweNkosi yalo. UMantolwane wazilalela nje. Laphinda
futhi ‘Sengikhathele ukuma sengifuna ukucambalala nami .Wathi uMantolwane
ayikho indawo yethu sobabili lapha. Ikameli layiluma iNkosi yalo layikhiphela
ngaphandle. UMantolwane wangenza lutho. Waphoqeleka ukuphumela
ngaphandle.
No comments:
Post a Comment