Kwesukasukela!
Kwakukhona intombazane enhle, yabe
iyindodakazi yenkosi. Yabe ithandwa kakhulu nguyise, yayinezimpelesi
ezaziyigada ziphinde ziyenzele konke ekufunayo. Lezizimpelesi
kwakungamantombazane, amanye awo ayenomona.
Intombazane yenkosi yayihlala esigodlweni,
kwakuthi uma seyithomba ihambe iyokha ibovu emphandwini owawusehlathini.
Umphandu kwabe kungumgodi omkhulu owabe usehlathini. Lwafikam usuku lokuthi
uBuhlaluse ahambe aye kokha ibovu. Bamthatha ababezohamba naye kanye nezinye
izintombi bangena indlela. Bafika ehlathini ezinye izintombi zangena naye
ezinye zasala ngaphandle.
Lezi ezasala ngaphandle zakha uzungu
lokuthi abulawe uBuhlaluse ngoba zazinomona. Zavumelana ngokuthi akagqitshwe
emgodini webovu. Nangempela benzenjalo bathe sebemgqibile bavumelana ngokuthi
bazothi udliwe isilwane esibi, bathatha izingubo zakhe bazigcoba ngegazi
legundane bazidabula. Bafika ekhaya basho njengoba bebevumelene.
Kwasuka esikhulu isililo emzini wenkosi,
kwaqalwa kwazilwa kuthe sekudlule izinsukwana kwasuka indoda yaya kogawula
ehlathini lapho kwakuye khona izintombi. Ithe isagawule kabili yezwa umuntu
ecula ethi wemuntu ogawulayo ungikhonzele kubaba nomama usho ukuthi uBuhlaluse
bamgqibe emphandwini webovu. Yasondela indoda yalalelisisa yabe seyimbona
ephakathi emgodini yabe isimkhipha. Wabe esenciphile emzimbeni ngoba
wayesenesikhathi engadli.
Indoda yamthatha yagoduka naye
eseyichazelile ukuthi kwenzekeni. Amantombazane afihlelwa ukuthi uBuhlaluse
utholakele. Inkosi yabe isinquma usuku okuzongcwatshwa ngalo uBuhlaluse kodwa
kwakuzofihlwa izingubo kuphela ngoba yena wayedliwe isilwane sasendle. Kuthe
ngalolosuku zabizwa zonke izintombi ezazikhona ngelanga lokukhiwa kwebovu.
Zithe zisahleli lezozintombi nenkosi
nesizwe sonke waqhamuka uBuhlaluse esemuhle kakhulu kwazise wayehlezi endlini
engaphumeli emnyango, zashawa uvalo izintombi. Wabe eseyixoxa yonke indaba
yakhe uBuhlaluse. Inkosi yathi emabuthweni azibulawe zonke lezozintombi
ezazinenhliziyo embi. Zafa kanjalo izintombi ezazinomona.
Cosu cosu yaphela!
No comments:
Post a Comment