Amasiko ilapho sisuke sigubha umkhosi othile. Kukhona lapho
sibuyisa khona abangasekho noma sibungaza amakhosi kusuke kusinwa ingoma,
isishiyame, ingoma yezintombi, Nokugiya kwabantu abadala obaba nomama bekikiza
bebongela labo abasuke benza okuthile njengokusina.
Amasiko ahlukeni
ngazigaba zawo futhi nemithetho yawo ayefani. Ezikhathini zakudala izintombi
zazihlolwa ubuntombi bazo njalo ngesonto. Elinye isiko elalenziwa kuthiwa uma
umfana ethuke intombazane wayehlawuliswa ngenkomo ehamba ngezinyawo eyayidliwa
yizintombi kuphela. Lenkomo yayingahlatshelwa ekhaya kodwa yayihlatshelwa
emfuleni edlelwe khona.
Inhlonipho yayibalulekile
nokuthi ukhuluma kanjani nomuntu. Intombi uma isiqomile kwakuthiwa ineshende
hhayi isoka ngoba babesuke bengakaganani noma isiko lokumiswa iduku
lingakenziwa. Iqhikiza yilona elalibheka izintombi endaweni.
No comments:
Post a Comment