Intombazane uma isifike esikhathini sayo sobudala ukuthomba
yayenzelwa umhlonyane kuthi uma isineminyaka engama 21 yenzelwe umemulo
ngokuziphatha kahle. Umemulo yilapho kubongwa khona intombazane ukuthi
iziphathe yaze yabakuleso sigaba ekusona. Intombazane iyamuliswa noma
isinengane noma ingenayo, umemulo wenzelwa intombazane kuphela kwezinye
izikhathi intombazane yenzelwa umemulo uma izokwendela umkhweyana wayo. Kuqala
kuphekwe utshwala ekuqaleni kwesonto ngoMsombuluko lapho amantonbazane asuke
ezilungiselela umemulo zisina futhi zikhuza ingewu yilapho esuke ekhuluma
ngolimi eluqojeme. Umuntu wesilisa akangeni lapho kukhona amantombazane ngoba
izinto ezishiwo khona azimdingi.
NgoLwesine amantonbazane ayahamba ayolanda umkhonto kubo
kamkhwenyana uma iganile. Uma ingaganile iwulanda komalume wayo. Zifika lapho
zingene zingatshelanga muntu zithatha noma yini yakhona kwenzelwa ukuthi
zithole umkhonto bese ziphinda emuva zihuba zithi ingewu.
NgoLwesihlanu kusuke kuzondliwa umkhonto futhi kubulawa
izinkomo uma emabili amantombazane kubulawa eyodwa. Intombazane ayikwazi
ukumula kukhona engaphezulu kwayo ingamulanga noma ngabe seyadlula emhlabeni
umndeni uyaxolisa ngembuzi ukuthi ingabi nolaka umsebenzi uhambe kahle.
Lembuzi ibulawa ngoLwesihlanu kanye nayo inkomo yomsebenzi.
Izintombi zithatha inyama yomkhonto ziyifake ezintini idliwa izalukazi kuphela.
Ekuseni amantombazane avuka aye emufuleni eyogeza ngamanzi abandayo kubuywe
lona omulayo azofakwa inyongo anikwe nomhlwehlwe wenkomo azowumbatha uma
esesina icece lisinwa esigcawini esikhethwe ubaba wekhaya noma umuntu omdala
emndenini wakho. Amantombazane asuke evunulile efake izigege. Kubuywa kube
nomhlalo kuze kuse emnyango ngawo uMgqibelo.
No comments:
Post a Comment