Ukuzingela
kwakungumdlalo njengeminye imidlalo ongabala kuyo imidlalo kalobhutshuzwayo,
indlamu kanye neminye eyenza abantu bahlale bethokozile. Lomdlalo lawo
uyabagwema abantu ekwenzeni izinto ezingalungile njengokuzinikela ekusebenziseni
izidakamizwa kanye lasebugebengwini.
Abantu abazingelayo babizwa ngokuthi
amaphisi bazingela izinhlobonhlobo zezinyamazane kanti iningi lazo zitholakala
emahlathini kanye nasezimobeni. Labo abasuke beyozingela baba amaqembu
ahlukahlukene ukwenzela ukuthi uma iqembu ebelihamba phambili lihlulekile
ukuvusa inyamazane elilandelayo likwazi ukuyivusa.
Amaphisi uma eyozingela ahamba nezinja
zawo bese ephatha namawisa ukwenzela ukuthi uma inyamazane ivuke eduze
bayijikijele, izinja
zona zisiza kakhulu ekutholeni umkhondo lapho inyamazane ingakhona kanti futhi
zinejubane elikhulu lokuyixhala uma ibaleka. Uhlobo lwezinja ezisetshenziswa
ekuzingeleni amabhansi kanye namablaki. Inja eyiblaki iba mfishane bese iba
namadlebe amade uma idla ahusha phansi, iblaki libukhali kakhulu ekuzingeleni
akwenzeki lingabuyi nenyamazane ehlathini. Uma inja iyibambile, iyayigada
inyamazane kuze kufike umnikazi wayo ayithathe inyamazane ahambe nayo, noma
esehamba nayo inja iyalandela ngemuva kanti ezinye aziyinaki leyomyamazane
ngoba isuke isifile.
Izinhlobo
Zezinyamazane Ezizingelwayo
Izinyamazane ezizingelwayo yilezo
ezidliwayo kuphela, singabala izimpunzi (impunzi ihlupha kakhulu ngokudla
ubhontshisi emasimini), unkonka (unombala omatulwa, uyingozi futhi uyahlaba),
imbabala (ibomvu kanti ayinazo izimpondo), umhlangala, insimba, igqalashu,
ivondwe, imvunzi (lolu uhlobo lwezinyamazane ezihlupha kakhulu ngokudla
izinkukhu). Zonke lezizinyamazane zitholakala emahlathini nasezimobeni.
Izinkinga
Ezivela Uma Kuzingelwa
Nasekuzingeleni zikhona izinkinga
ababhekana nazo uma amaphisi ezingela. Kunezinyoka ezikhona emahlathini
eziyingozi, kuyenzeka kwesinye isikhathi inja ishaywe inyoka ife. Nezinye
izilwane ezilimaza izinja njengenkawu (inkawu iyayikwebha inja), ingulube
yehlathi kanye nengungumbane (ingungumbane yona ikhipha ameva ahlabayo). Inja
uma ilimele ayibe isakwazi ukuzingela kahle.
Izikhathi
Zokuzingela
Abantu abazingelayo bavuka ekuseni kakhulu
uma beyozingela ngoba basuke benzela ukuthi bazifice izinyamazane zingakavuki
ezikhundleni zazo. Sikhona isikhathi okungazingelwa ngaso onyakeni,
lesosikhathi kuba isehlobo.
Kunzima ukuzingela ehlobo ngoba kusuke
kwenile, izinja azikwazi ukugijima kanti nezinyamazane azibonakali ngenxa
yotshani obusuke bukhule kakhulu. Kanti ebusika kusuke kushisiwe emahlathini,
kukhanya kahle. Inyamazane iyaphekwa umnikazi wayo bese ebiza amanye amaphisi
aze koyidla, izinja zona ziphiwa isobho kanye namathambo.
No comments:
Post a Comment