Emandulo amawashi engakabikhona abantu
babekwazi ukuhlukanisa izikhathi ngokubheka izinkanyezi kanye nelanga.
Babeziqaphela izinkanyezi futhi beziqamba namagama ukuhambisana nesikhathi
esithile. Njengokuthi:
- Indonsa - Lenkanyezi ephuma lapho kuqala khona usuku
lokhokho ekuthiwa yiphakathi kwamabili. Kusuke sekuzokusa kanjalo futhi
nezimo nezigameko zosuku olulandelayo sezizoqala, ngokuphuma kwalenkanyezi
sesingasho ukuthi sekulusuku olusha.
- Ikhwezi - Inkanyezi ephuma entathakusa sekukhala
amaqhude. Kulapho uma uzoba nohambo olude usungaphuma ekhaya, kodwa
kuthiwa kufanele ubhasobhe abathakathi ngoba yingalesisikhathi
lapho sebebuyela emakhaya nezimfene zabo.
- Ukuphuma inhlazane - Lapha kusuke sekusile
nenhlamvu yelanga seyiphumile, sekuphuma izinkomo ziyoluswa. Isikhathi
lesi lapho wonke umuntu esuke esevukile, phela kwakungalalwa
esikhathini sakudala.
- Emini bebade - Lapha isithunzi sesingaphansi
komnikazi waso akukho okusha lapha kuqhubeka usuku njengenjwayelo.
- Abantu bahle - Lisuke ilanga seliyoshona
bonke abantu sebebahle begezile izinsizwa sezibuka izintombi,
nezesheli zingazibekile phansi.
- Isicela nkobe - Inkanyezi lena ephuma lapho
amantombazane eqeda ukubilisa izinkobe, bese iphuma lenkanyezi kancane
kungathi icela zona lezizinkobe eziphekiwe. Lapha kusuke sekuqala
ukuhwalala.
- Inqonqoyi - Inkanyezi lena ethi
sekusebusuku, sekuzokuba kwesikabhadakazi, wonke umuntu kufanele ukuthi
ngabe uselele.
No comments:
Post a Comment