Kwasukasukela
Kwakukhona unkosikazi owayehlala nendodakazi yakhe nomyeni wayo. Zonke izinsuku babevuka bonke baye kohlakula emasimini bashiye bevube amasi abazowadla sebebuya. Babuvuba izinkamba ezimbili olunye olomkhwenyana olunye olwendodakazi. Umkhwekazi wayengawadli amasi akandodakazi wakhe.
Kwakukhona unkosikazi owayehlala nendodakazi yakhe nomyeni wayo. Zonke izinsuku babevuka bonke baye kohlakula emasimini bashiye bevube amasi abazowadla sebebuya. Babuvuba izinkamba ezimbili olunye olomkhwenyana olunye olwendodakazi. Umkhwekazi wayengawadli amasi akandodakazi wakhe.
Bavuka- ke baya emasimini bathi besashaye
indima encane umkhwekazi usayochitha amanzi wanyonyoba waya ekhaya wathi
angafika wakhumula isidwaba wagqoka ibheshu lomkhwenyana wathatha nesigqiki
sikamkhwenyana wasibeka emsamu. Wathatha ukhezo wahlala phambi kwezinkamba
waqala wadla kuzona zombili izinkamba esho ethi “ndi kolomntanami” “ndi
kolomkhwenyana” wadla washaya wavala. Wathi angaqeda wabe esephindela ensimini
esegqoke izingubo zakhe.
Bathi sebeqedile emasimini babuyela ekhaya
beyodla bafika amasi engasekho babuza kumkhwekazi waphika walala ngomhlane
wathi niyazi angiwadli amasi alapha ekhaya. Balala kwathi ngakusasa baphindela
ensimini bashiya bevube amasi njengayizolo waphinda futhi umkhwekazi wenza
njengayizolo bathi bayafika amasi awasekho. Kwathi ngakusasa umkhwenyana
wamlandela umkhekazi wakhe engaboni wambuka engana endlini wadla amasi washaya
esentwala uthe esethi uyahamba wambhadama umkhwenyana wathi hawu wenzani,
wagwajaza umkhwekazi wabesethi umkhwenya ngizokuhlawulisa ngokuthi uye
kongikhelela amanzi lapho kungakhalo xoxo khona.
Wahamba umkhwekazi waze wafika esizibeni
sokuqala washo ngengila akukhali xoxo la, lakhala ixoxo wadlula waya kwesesibi
lakhala futhi, waya kwesesithathu lakhala ixoxo kwathi uma esekwesesine kwathi
nya. Wajabula wabe esekha ngesitsha sakhe wabe esephinda ephuza ngoba wesome
kakhulu. Wabe esethi ukuhlala kancane ngoba lalilide ibanga ayelihambile. Wathi
uma esethi uyasukuma kwangasukumeka wahlala engazi ukuthi uzokwenzenjani kwaze
kwafika izilwane kanye nenkosi yazo zambuza ukuthi wenzani wachaza. Inkosi
yathi akavunyelwe ukukha amanzi esizibeni sayo. Inkosi yasithatha isalukazi
yayosivalela yathi sizodliwa kusasa.
Esinye sezilwane sadabuka savuka ebusuku
saya kosikhulula isalukazi sathi asibaleke. Nempela sabaleka isalukazi saze
sayofika kwandodakazi. Wajabula undodakazi wathi asingabophinde sone.
Cosu iyaphela
No comments:
Post a Comment