uThangithini Ngcobo
onguMaNdlovu ngomkhosi kaNomkhubulwane. Uhlala esigodini saseMgcweni
endaweni yaseNtshangwe. Ukhule endaweni yangakubo omama asebekhulile belima
insimu kaNomkhubulwane naye useze waba yingxenye yabo. Ezindaweni eziningi
lomkhosi uyahlonishwa, yilapho njalo ngaphambi kokuthi abantu baqale ukulima
bahambe baye kolima insimu kaNomkhubulwane. Ngemuva kwalokho bonke abantu
bayakwazi ukuqala ukuzilimela emasimini abo.
Akubona bonke abantu
ababayingxenye yalabo abasuke bezolima insimu kaNomkhubulwane. Kufanele kube
umuntu wesifazane ohlanzekile ngokuthi akekho esikhathini futhi akayanga
ocansini nomuntu wesilisa ngesikhathi kulungiselelwa ukuyolima. Ngesikhathi
sakudala kwakujwayeleke ukuthi kube ngabantu asebeqinile impela, izalukazi.
Usilandise ukuthi kwaba nomyalelo wokuthi abantu ngosuku lwangoMsombuluko
abantu endaweni akufanele benze imisebenzi efana nokutheza, ukulima njalonjalo.
Kwathi langathile omunye umuntu wesifazane wahamba waya kotheza ngoMsombuluko,
wathi uma esengaphakathi ehlathini kwaqhamuka umuntu wesifazane owambuza ukuthi
wenzani. Kunenkolelo yokuthi lowo kwakunguNomkhubulwane. Kuthiwa lowomuntu
wesifazane owaphula umthetho wabonakala ngokuthi aphume ehlathini isimo sakhe
sesishintshile. Lokhu kwenza iningi labantu
No comments:
Post a Comment