Search This Blog

Sunday, 15 February 2015

Indlela Yokuhlinzwa Kwembuzi

Indlela Yokuhlinzwa Kwembuzi

Ukuhlinzwa kwembuzi kwenziwa ekhaya uma kunomsebenzi ohlanganisa amadlozi. Kungaba isendaweni yaselokishini, edolobheni noma emaphandleni uma labo bantu bekholelwa emadlozini kufanele bakwenze futhi bakulandele ukuhlinzwa kwalesisilwane. Kusetshenziswa ummese obukhali ukwenzela ukuthi umuntu ozoyihlinza angayizwisi ubuhlungu kodwa kusheshe lokho akwenzayo. Uma imbuzi ihlinzwa ibanga umsindo okuyiwona lomsindo abantu abakholelwa ukuthi ubaxhumanisa namadlozi abo. Abanye abantu bayaye bayihlabe uma behlangane nje bewumndeni ukwenzela ukuthi babe nenyama eningi noma eyenele.

Imvamisa abantu abahlinza imbuzi kufanele babe bane kodwa uma bengenele nabantu ababili bangayihlinza uma bekwazi ngoba kudinga ukuthi babambisane ngesikhathi omunye ehlinza. Kusetshenziswa ummese nendishi yokukhongozela igazi ngoba liyaphekwa nalo ukuze linga chithekeli phansi. Abanye bake basebensise nento ethize ukundlala phansi ukuze kuthi uma sebeyisusa isikhumba noma beyebula inyama ingabhuquzi emhlabathini. Kuye kube uthayela noma uqwembe oluqinile. Uma seyihlinzwa kusikwa emqaleni ngaphambili noma ngaphansi engileni. Bayilinde ize ithule kuba isikhathi esincane esilindwayo. Bese beyayilula ukwenzela ukuthi iqonde ngoba njengoba kade iphuma umphefumulo mhlawumbe ibisifinyela yama ngenye indlela. Bayilula ngokuthi omunye abambe izinyawo zangaphambili omunye zangemuva. Bese beyibeka kulento abazohlinzela kuyo. abantu ababili baba ngasenhloko ababili babe ngasemanqineni angezansi. Uyedwa umuntu osikayo abanye babambile. Baqale ukwebula isikhumba sembuzi ukuze kusale inyama yodwa, lowo ophethe ummese usika isikhumba ngasenqineni bese edonsa ngeminwe kuxebuke isikhumba kuze kuphume ngomlenze kwehlele emzimbeni wayo imbuzi, baphinde basike kusuka esifubeni kuyo phuma emilenzeni yangemuva, baphinde baxebule ngeminwe kuze kuphume ngomgogodla wayo imbuzi.

Ukuhlukaniswa kwembuzi

Isikhumba babeka phezu kwaso inyama, bese bekhipha isisu namathumbu nenyongo namaphaphu nokunye okuyisikhwanyana okuthiwa yingobe noma inanzi. Kuthiwa uma kuhlatshwe ngoba kwenziwa umsebenzi othize kumele igadwe leyonto ngoba abantu abadala bahlala kuyo, kule sisikhwanyana kusuke kukhona ubulongo obuthize, lesosikhwanyana sidliwa wogogo noma amakhehla noma izingane. Ngelinye ilanga sekudlule umsebenzi sekusele abomndeni wodwa iyadliwa, ngoba isuke ibekiwe ngokuyifihla ngoba abantu basaphithizela. Umuntu omdala uyayikhipha ubulongo abomise ebugadile bese egeza lento ebihleli lobulongo iphekwe idliwe. Ubulongo lobu buyasetshenziswa uma bezokhuluma empephweni yabo, yibo obubaxhumanisa nabadala basekhaya uma becela izinto. Nenyongo bayisebenzisa kuthi iphaphu lidliwe nesibindi, amathumbu wona ayagezwa bese ephekwa ahlanganiswe negazi. Inyama yomzimba yona iyaphekwa ngomlilo waphansi ngamanzi nosawoti kubile ndawonye, ubuchopho buphekwa kanye nenyama kodwa bona buphekwa bufakwe kuplasitiki bubile nenyama yonke. Amanqina aphekwa wodwa, aphekelwe izingane nekhanda lihlukaniswe kukhishwe izimpondo sichonywe ensikeni yomnyango, inyama yona iphekwe idliwe.

Isikhumba


Uma kukade kuyinyama nje abazihlabele ngokuthanda siyomiswa kahle isikhumba, ngaphakathi lakade kunenyama khona baye basihuqe ngosawoti ukuze singahlalwa yizimpukane, bese besimweba elangeni besindlale phansi bashayelele ngezipikili singasikwa. Uma sesomile sisebenze ukuba umata noma bazihlalele kuso emthunzini noma balalise abantwana kuso. Kodwa uma ekade kuyimbuzi yomsebenzi mhlawumbe khona okade efakwa isiphandla noma ebonga into ethile ayenzelwe abadala uyasifaka isiphandla. Isiphandla sisikwa kulesikhumba. Kusikwa umucu olingene bese uhlukaniswe phakathi nendawo bese umuntu kufakwa yilowomuntu oqondene nomsebenzi. Ukuze singabi nephunga isiphandla kuye kudingeke ukthi usuhhuqe ngomlotha, noma usiwashe ngensipho eyimpuphu bese usihuqa ngempuphu. 

Indlela Ekuphilwa Ngayo Ezindaweni Zasemakhaya

Indlela Ekuphilwa Ngayo Ezindaweni Zasemakhaya

Ukukhuliswa kwengane emphakathini noma endaweni kwakungabi umsebenzi wabazali baleyongane kuphela kodwa okwesigodi sonke. Obaba uma besebenza kude namakhaya babeshiya amakhosikazi nezingane ekhaya bahambe isikhathi eside, bekujwayeleke ukuthi babuye ngezikhathi zePhasika noma ngoKhisimusi noma uma kushoniwe ekhaya kwakuya ngokuthi usebenza kuphi. Isikhathi esiningi kwakuba ngomama ababevakashela obaba lapho babesebenza khona. Ubudlelwano phakathi kukababa nezingane babungekho ngenxa yalokhu, ngesinye isikhathi kwakutholakala ukuthi ubaba uhamba ekhaya engazi nokuthi usekhulelise umkakhe ezwe esekuhambeni abuye ingane isikhulile njalonjalo.
Omama babeqinisekisa ukuthi ekhaya kulinyiwe futhi nemfuyo ikhona ukuze bakwazi ukuphila. Kwakubayinjabulo ekhaya uma kuzalwa ingane yomfana ngoba phela yayizoqhubeka yakhe umuzi kayise uma eseshonile. Esikhathini sakudala kwakwaziwa ukuthi umsebenzi womuntu wesifazane ukubheka ikhaya akhulise nezingane

Ukuzalwa kwengane

Izibhedlela zingakabikho umuntu wesifazane okhulelwe wayebelethiswa ogogo bendawo uma sekufike isikhathi soklufika kwengane. Bese kubhalwa incwadi iye kubaba aziswa ukuthi uthole mtwana muni, nalapho kusazoyiwa kwamakhelwane kuyofunwa umuntu okuwuye obabhalelayo uma ingakabikhona ingane efundayo kulowomuzi. Ingane ezelwe yayincela ibele ize ibe neminyaka emibili noma emithathu. Yayikhishwa ebeleni ngencumbe noma ngomdoko wamabele ogaywe etsheni noma amahewu idle nokunye ke ukudla iye ijwayele. Ibigqokiswa noma yini ukuvikela amakhaza, uma kubalele ibizihambela nqunu. Amatshitshi namajongozi abebhinca esinqeni kuthi ngenhla, kuthi umuntu osethole umntwana ubefaka ibhayi elifihla amadolo abophe nendwangu emabeleni.

Ekwaluseni

Ingane ikhule ishawa hhayi umzali wayo kuphela nanoma yimuphi umuntu omdala ubewumzali kuye, uma ehlangana naye onile ubemshaya lapho, bekungalindwa abazali bakhe umntwana, njengokuthi uma kufohle izinkomo zakomakhelwane phambi kwakhe bekushawa lowo noma kungezona ezakubo lezonkomo zingalusiwe uye ubeshawa ngoba kuthiwa ubengazishayi ngani izinkomo. Uma ufika ekhaya ububuzwa ukuthi bekwenzenjani mhlawumbe bakuphinde bakushaye, Uma kade umfana elwa wahlulwa abafowabo bazomshaya bethi uvuma ukuhlulwa omunye nangakusasa uzoqhubeka alwe mhlawumbe aze amhlule lowo. Kwakuthi uma umfana egula ekwaluseni bekungashiwo ukuthi akaye kolala bebezama amakhathakhatha aze alulame, umunyana yiwo awawubasiza mebephethwe umkhuhlane, ezikhathini zakudala yayingekho imitholampilo. Imidlalo ebebeyenza babebhukuda noma bakhe izinqola baphule izihlahla bahlanganise, bekugibela oyedwa kulenqola abanye baphushe kushintshanwe, amasondo kube amathanga abawathathe emasimini asale ngesikhathi kade kuvunwa noma badlale umshushuluzo engezinqa endaweni eyehlelayi enotshani, noma bazingele izinyoni nezimbiba.

Amantombazane wona ayelusa uma bengekho abafana kubo. Imisebenzi ejwayelekile yamantombazane ukukha amanzi, kunezikhathi zokukha amanzi hhayi noma inini ayekhiwa ekuseni noma ntambama, ngoba amini ayesengcoliswe izinkomo nabawashayo. Bebefundiswa nokugaya etsheni umbila noma amabele nokupheka nokuhlanza umuzi nokunye. Uma kukhona umuzi onomcimbi amantombazane asendaweni ayahlangana azolekelela ngokukha amanzi nokunye.
Umfana uma engakasebenzi ubeba nalo ihembe elilodwa nebhulukwana aliphiwe ubhuti wakhe noma ubaba wakhe, nezimbadada azikhandele zona noma azikhandelwe abangani bakhe ekwaluseni. Intombi yona ibiba namabhayi amasha ngoba isinesoka elaziwayo bese lithengelwe impahla, vele bekungabalulekile ukuswenka ngalesiyasikhathi bona bebezihlobela ngobuhlalu nangemvunulo yesikhumba kwabesilisa asebesebenza nezintombi esezinamasoka asebenzayo, kodwa futhi esimise iduku kwaziwa endaweni.

Isikole


Bebeya esikoleni sebekhulile mhlawumbe umuntu eneshumi leminyaka noma ngaphezulu eyoqala, uma eyintombazane athi angakwazi ukubhala igama lakhe, nokubhalela ubaba wakhe esemsebenzini ayekiswe ngoba bekuthiwa uzogana bakhalele izimali zabo bemfundisa, umfana yena ubeqhubeka nokufunda, kanti omunye ubeshomana nontanga asiyeke isikole eqe ekhaya ayosebenza, kubo bezwe ngesikade ukuthi akasekho usematohweni. Bekunomkhuba wokuthi uma uyintombazane uzijwayeze ukuhlala ecansini ngoba uma kukekwafika umuntu wangaphandle noma ezidlulela wakubona uhleli esigqikini noma ebhentshini ubaba wakho ubehlawula enkosini ukuthi awuhloniphi uqojama esitulweni, noma uwumfana umithisile ungakashadi ubuhlawula enkosini ugeze izintombi zendawo kuyima uzohlawula lapho umithise khona. Futhi bekuyichilo uma uwumfana ubonakale uphuza noma uphethe ugwayi. 

Inkosi eyayithanda Izinganekwane

Inkosi eyayithanda Izinganekwane

Emandulo lapho wawusancinza itshe likhale igazi, kwakukhona inkosi ethize, lenkosi yayizithanda izinganekwane kakhulu. Yayicela abantu besizwe sayo ukuba bayixoxele izinganekwane. Abantu babejwayele ukuyixoxela izinganekwane ezimfushane ezaziyishiya inganelisekile. Kuthe ngelinye ilanga yabiza amabutho ayo yathi kuwona ifuna umuntu ozoyixoxela inganekwane ende, lowo oyokwenza njalo izomuganisela ngendodakazi yayo bese imxoshise nangezinkomo.

Bonke bazimisela ngokuyixoxa inganekwane ngoba befuna indodakazi yenkosi, yabe iyinhle ngempela kwabe kunguphuma langa sikothe. Waqala-ke owokuqala waxoxa kodwa wehluleka ukuxoxa inganekwane ende, balandela nabanye kodwa nabo behluleka. Yathi seyilahle ithemba inkosi kwavela umfana owayenganakekile abantu bengamshayi mkhuba bemthatha noma ikanjani wathi uzoyixoxa inganekwane ende. Yavuma inkosi, wayiqala-ke umfana inganekwane yakhe.

Esizweni esithize kwakukhona inkosi, lenkosi yayijwayele ukuphuma namabutho ayo iyolwa, yayingakaze ihlulwe. Yaqhubeka yaze yafika kwesinye isizwe, lesosizwe sathi uma sizwa ukuthi sizohlaselwa, inkosi yaso yabiza amabutho aso ukuba avune ummbila namabele siwafake enqolobaneni. Nempela amabutho enza njengoba isho inkosi athi eseqedile kwangena iqhwagi enqolobaneni lathath’uhlamvu lwaphuma, laphinde langena lathath’uhlamvu laphuma umfana wayelokhu ephindaphindile inkosi yaze yazumeka.

Kwathi ngesikhathi iphaphama umfana wayesalokhu ephindaphinda into eyodwa. Yabona inkosi ukuthi yinde kakhulu lenganekwane uyophela nini umbila enqolobaneni yathi umfana akayeke. Yabe seyimunika izinto ebimuthembise zona, indodakazi yayo kanye nezinkomo.

yaphela! 

Insimu KaNomkhubulwane

uThangithini Ngcobo onguMaNdlovu ngomkhosi kaNomkhubulwane. Uhlala  esigodini saseMgcweni endaweni yaseNtshangwe. Ukhule endaweni yangakubo omama asebekhulile belima insimu kaNomkhubulwane naye useze waba yingxenye yabo. Ezindaweni eziningi lomkhosi uyahlonishwa, yilapho njalo ngaphambi kokuthi abantu baqale ukulima bahambe baye kolima insimu kaNomkhubulwane. Ngemuva kwalokho bonke abantu bayakwazi ukuqala ukuzilimela emasimini abo.
Akubona bonke abantu ababayingxenye yalabo abasuke bezolima insimu kaNomkhubulwane. Kufanele kube umuntu wesifazane ohlanzekile ngokuthi akekho esikhathini futhi akayanga ocansini nomuntu wesilisa ngesikhathi kulungiselelwa ukuyolima. Ngesikhathi sakudala kwakujwayeleke ukuthi kube ngabantu asebeqinile impela, izalukazi. Usilandise ukuthi kwaba nomyalelo wokuthi abantu ngosuku lwangoMsombuluko abantu endaweni akufanele benze imisebenzi efana nokutheza, ukulima njalonjalo. Kwathi langathile omunye umuntu wesifazane wahamba waya kotheza ngoMsombuluko, wathi uma esengaphakathi ehlathini kwaqhamuka umuntu wesifazane owambuza ukuthi wenzani. Kunenkolelo yokuthi lowo kwakunguNomkhubulwane. Kuthiwa lowomuntu wesifazane owaphula umthetho wabonakala ngokuthi aphume ehlathini isimo sakhe sesishintshile. Lokhu kwenza iningi labantu 

Isiko lokubonwa kwesisu losane osoluzelwe

uma ukhulelwe nokubonwa kwengane uma isizelwe ngabomndeni wakubo kamfana.

Zinengi izinto ezilandelwa yimideni eyahlukene, okuyizinkolelo zakhona njengokuthi uma umuntu wesifazane ekhuleliswe khona abomndeni lowo bacele ukubona isisu sakhe.Lokhu kwenziwa ngesikhathi umuntu eqhutshiwe ukuzobika isisu njengokwesiko noma vele useqala ukugana kulowomuzi. Kubalulekile ukubonwa kwengane ukuthi ngeyakulowomuzi yini noma cha. Abantu abadala babengakhombisi ukungathembi okushiwoyo kodwa babelandela isiko elenziwayo kulowomuzi.

Uma lowo owesifazane okhulelwe esenezinyanga eziyisithupha wayeuelwa ukuthi akhumule ngenhla ame abheke ngaselangeni ekuseni. Abadala babazi ukuthi bafuna ukubona ingane inyakaza kodwa wayengatshelwa owesifazane. Ngokuhlonipha wayenza njengoba eyalelwe ame aveze isisu sakhe sibheke elangeni. Kuthiwa wayeme size sinyakaze noma ingane inyakaze bese beyeneliseka abadala ukuthi ngeyakulowomuzi ingane. Kuthiwa lomkhuba waqala ngokuthi kube nabantu besifazane ababethi bakhulelwe kanti akunjalo. Umakoti wayebala izinyanga kuzwakale esekhala ngokuthi usephuphunyelwe yisisu kuthi uma ebhekwa izalukazi zimfice esezinsukweni zakhe. Kuthiwa lokhu babekwenziswa ukuthi babefuna ukugana kulowomuzi.
Kuthiwa izalukazi kwahamba kwahamba zayibona ukuthi ayikho lento nokuthi abanye omakoti badlala ngazo. Imibono yabantu abadala yayihlonishwa kakhulu ngalesosikhathi futhi kwakunenkolelo yokuthi ayishayi eceleni. Okunye ukuthi kuqala amadoda ayeba nesithembu kube nesimo sokuthi uma omunye womakoti engazali wayekwazi ukuntshontsha ingane kamnakwabo athi ngeyakhe okwakususa ingxabano kodwa kugcine kungaziwanga iqiniso ngoba babekhulelwe ngesikhathi esifanayo. Lokubomwa kwesisu kwakwenziwela ukuthi lesimo. Izalukazi zaqhamuka nalesu ukuze umuntu abonakale futhi aziwe uma ekhulelwe. Ngoba kuqala yayingekho imithola mpilo emakhaya umuntu wayezalela ekhaya ezaliswa izalukazi.
Uma ingane isizelwe izalukazi zasemndenini zazifika ngobuningi bazo ukuzobona ukuthi umntwana owabo yini. Ngoba kwakungenzeka ukuthi umakoti ubekhulelwe nje kanti ingane akusiyona eyakhona lapho ekuthiwa eyakhona. Uma isiboniwe abantu bakhona abadala kuzonqunywa usuku lokuzobona umntwana ngokwesiko lesintu. Kuyagaywa utshwala lwesintu kubanjwe inkukhu egcekeni kuphekwe namadombolo. Bazofika omakhelwane bephethe izipho baphe umntwana bese kuyadliwa.
Uma umntwana ezalelwe ekhabonina
Izikhathi ziyashintsha njengoba amantombazane esekwazi ukuthi athole umntwana engaganile. Uma umuntu ezalele ekhaya kuba abasemzini abaya ukuyobona umntwana. Abahambi bengaphethe lutho kufanele kube khona izipho abamphathela zona. Ngalesikhathi umndeni usuke ufuna ukuqinisekisa ukuthi umntwana ngowabo ngoba abanye umntwana bayamkhumula zonke izingubo azigqokile abhekwe izimpawu zomndeni njengokuthi abanye babheka izinyawo, izandla, izindlebe amabala asemzimbeni njalonjalo. Uma kukhona abakufanisayo bayezwakala bephimisela ukuthi lokho kufana nokukabani.


Kuyothi uma umntwana eseqede izinyanga ezintathu ahambe aye kubokwakhe eseyobonwa yiwo wonke umuntu womndeni. Lapho wonke umuntu osuke ekhona uyamkhunga umntwana ngemali nangezipho. Abanye abantu basakholelwa ekutheni umntwana uyakhungwa ngaphambi kokuthi abonwe khona engeke akhale uma ephethwe. Kuyasiza ukubonwa kwengane uma isencane. Nokuthi ingane ingenzewa isiko kanti akusiyo ayakulowomuzi. Ngoba kukhona izibongo uma ingane yenzelwa usiko lakhona kanti akusiyona eyakhona iyashona. Zonke lezinto ezenziwa ngabantu abadala basuke bevikela izimoeziwubungozi. 

Izinkolelo Zokuphuma Kwengane Amazinyo

Phambilini ukukhumuka kwengane amazinyo ikakhulukazi okokuqala, bekuba yindaba kontanga bayo, nasemndenini wayo uqobo. Ingane ezokhumuka izinyo ibidonswa ngendlebe kuthiwe ize ingalilahli noma yikanjani. Bekuthiwa uma selikhumukile mayiphume iye ngaphandle kwegceke ifike ikhulume ithi ‘‘Nhloyile, nhloyile ngiphe izinyo elisha mina ngikuphe elidala’’ isho lamazwi icimezile. Uma isiqede ukuwasho, iyagxamalaza bese ilijikijela kude ilikhiphe phakathi kwemilenze yayo. Emva kwalokho bekuthiwa hamba uqonde ekhaya, ungalokothi ubheke emuva ngoba ngeke limile izinyo elisha uma uke wabheka emuva. Abanye bekuthiwa mabasho lawo magama bese beliphonsa phezu kwendlu.
Ngisho izingane ezizalelwe emadolobheni ngeminyaka yawo 1950 kuya emuva uma zinabazali abanezimpande zasemakhaya bezitshelwa ngalomkhuba, ziwenze khona lapho emalokishini.

Ubani unhloyile?


Abadala bathi unhloyile inyoni efika ebusuku kuphela iphethe amazinyo amasha, azomila kosekhumukelwe bese ihamba namadala. Kuthiwa lena kwakuyindlela yokufundisa ingane ukuthi ingayilahli noma yikanjani insila yayo, ngoba uma kwenzekile yawela ezandleni ezingalungile ayikho into emlungelayo empilweni, ngoba abantu abagangile bathatha leyo nsila bayihlanganise nemithi yabo bathakathe ngayo umndeni noma ingane uqobo lwayo. 

Izinkolelo zabantu ngotokoloshe

Kulezinkolelo eziningi kubantu ngokuthi yini utikoloshe, kodwa isikhathi esiningi uhlanganiswa nemisebenzi yobubi yalabo ababizwa ngabathakathi. Kuthiwa abathakathi bayakwazi ukuthi benze sengathi umuntu ufile singakafiki isikhathi sakhe khona bezomenza isigqila sabo noma asebenzele bona imisebenzi yomumnyama. Isikhathi esiningi lowomuntu abasuke bemfuna bayamgulisa noma avelelwe yingozi yemoto bese beyamthwebule ahlale emizini yabo.
uSgonondo Khawula, uthi ngakubo esakhula emafamu eMdloti kwakukhona umama owayenengane yomfana behlupheka kodwa umama wayesebenza kanzima ukwenza impilo yendodana yakhe ukuthi ibengcono. Wafunda waze waphothula ibanga leshumi wathola umfundaze wathatha izifundo zobunjiniyela lapho athola neziqu. Akubanga kuhle komunye umakhelwane wabo okwakusolakala ukuthi umama wakhona ungumthakathi.
Kuthiwa wayenenzondo futhi uma kukhona lapho eningabona ngaso linye naye kwakufanele ukwazi ukuzehlisa uxolise ngoba umuntu osuke exabene naye kwakuvamise ukuthi avelelwe okubi. Izingane zakhe zashona zonke kunenkolelo yokuthi imbangela yalokhu ukuthi wathakatha umuzi othile endaweni kanti kucushiwe kwase kubhubha izingane kanye nomyeni wakhe, wasala nomzukulu oyedwa. Kuthiwa wayenamandla okuthumela izulu. Kuthiwa langa lithize umama womfana kwafanele ukuthi baye emcimbini wokuthweswa kweziqu, kuthe sebebuya bavelelwa yingozi yemoto washonela lapho umfana. Umama wabuyela ekhaya eseyolungiselela umgcwabo.
Kuthiwa kwathi ngosuku lomngcwabo sebesemathuneni, izingane ezazidlala egcekeni lomndeni owawusolwa ngokuthakatha. zezwa kukhona ongqongqozayo kwenye yezindlu eyayihlala ivaliwe kulomuzi. Zasondela izingane ngalapho ngasemnyango zezwa izwi lokhulumayo ngaphakathi ecela ipeni nephepha. Eyodwa kulezingane yagijima ekhaya kubo yayothatha ipeni nephepha zakufaka emfantwini wesicabha. Kuthiwa owayengaphakathi wabhala incwadi wathi izingane aziliphuthumise kumfundisi, wazilayela ukuthi kulomuzi okuculwa kuwo.
Kuthiwa incwandi yabe ibhalwe kanje “Baba mfundisi, yimina uFana, umfana kamaNkabinde. Ngicela nime ningaqhubeki nalowomsebenzi, akumina lowo ngicela nizongilanda ngisendlini ewurawondi nginizwa nicula ngezansi kwalapho ngikhona. Ngicela nize nomama ngiyaphila bangibophile”. Zithe uma zifika izingane bazinqabela bethi izingane azidingeki emathuneni. Zaphikelela izingane zifuna ukunika umfundisi incwadi ngoba zazitsheliwe ukuthi zinganiki omunye umuntu. Baze bazivumela, wayifunda incwadi wafundela nabantu ababekhona. Kuthiwa umnikazi womuzi wathi ingamampunge leyonto, asuka amakholwa aya khona kulomuzi isibongo sakhona ikaNgobese. Izingane zabakhombisa indlu bamfica uFana eboshiwe ngemuva kwesicabha.

Kuthiwa ngalesosikhathi abantu beyovulela umfana umnikazi womuzi wamela kude negceke lakwakhe ebathuka ngezinhlamba ebajikijela nangamatshe. Umfana wahluleka ukuchaza ukuthi ufike kanjani kulomuzi ngesikhathi ebuzwa. Ubaba uSgonondo kwaba yinhlanhla ukuthi umthakathi ungasheshe umshayelele isipikili kukhakhayi futhi nolimi bengakalunqumi yingakho umqondo womfana wakwazi ukucabanga ipeni nephepha nokuthi umndeni womfana uphuthumise ukumngcwaba. 

Izinkolelo zesintu

Siyindlu emnyama sinezinto esikholelwa kuzo. Zazishiwo abazali bethu ukusixwayisa ekwenzeni izinto noma siqikelele singenzi noma ikanjani, uzihloniphe ungumuntu uhloniphe nalapho uphuma khona. Ezinye zazo zingamaqiniso mewuzilandela ezinye kugcine kungenzekanga lutho njengokuthi:

  • Uma ugqoka ibhulukwe lesoka ukhulelwe siyachitheka isisu
  • Uma ugovuza ibhodwe ngesipuni noma ngophini bese usulela esandleni ngenhloso yokuzwa usawoti, bathi isoka lakho liyakubamba mewulibhanqile
  • Uma uhamba endleleni uhlangane nejuba elilodwa, usuke uzobona umuntu wesilisa 
  • Uma umilwe yinduna noma yikuphi emlonyeni kuthiwa usuke uzothola elinye isoka
  • Uma udla kuwe isipuni isoka lakho lisuke lilambile
  • Uma ubeka noma uthwala izandla ekhanda akufuneki, kuthiwa umuntu oshonelwe obeka izandla ekhanda
  • Uma ulungisa umuntu onesici esibonakalayo noma onesiphiwo kuthiwa wothola abantwana abanjalo
  • Uma uhleka umuntu okhulelwe nawe uzosheshe ukhulelwe.
  • Uma uzikhalisa kuthiwa ubika isifo noma ugila umkhuba
  • Alushaywa udonga lwendlu ngoba usuke ushaya amadlozi
  • Uma kupheqeka ingubo oyiqgokile lisuke likukhumbule isoka lakho
  • Awusho ukuthi uhhalela inyama kuthiwa ubika isifo
  • Uma kukhona ogulayo, elele phansi ayakhiwa indlu futhi ayishayelelwa kuyalindwa asinde kuthiwa usuke umqedela ngokuqhubeka nendlu.
  • Uma usanda kuthola ingane awuthungi kuthiwa ingane ibanenkinga yamehlo.
  • Uma ingane ezelwe ivaleke ukuchama kuthiwa iboshwa ngokotini omnyama okhalweni izokwazi ukuchama
  • Uma amankankane edlula ekhala phezu komuzi, asuke ebika isifo.
  • Uma kukhala isikhova ekhaya noma eduze komuzi sisuke sibika okubi okuzowehlela lowomuzi.
  • Uma iqhude likhala egcekeni kuthiwa lisuke libika isivakashi.
  • Uma kwehla isicabucabu ngolwembu, sisuke sibika isivakashi. Uma simhlophe sisho isivakashi sesifazane uma simnyama noma sinsundu sibika umuntu wesilisa.
  • Uma ingane ibhaqaza njalo kuthiwa wukhe umbhaqazo uwuphonse eziko, kushe ngeke iphinde ibhaqaze
  • Uma unengane encane esancela, uma kade uhambile wayishiya ekhaya. Uma sewubuya ngaphambi kokuba uyincelise uqale ulikhame ibele ulikhamele phansi, bese uyincelisa kwenziwela imimoya emibi.
  • Uma kade uhambile nengane izelwe mese ubuyela ekhaya ucosha izibi zendle uyishisele zona noma usule ngesandla uchobe okhakhayini lwengane wenzela ukuthi ingakhali.
  • Uma uxhelwe uju kumele uphephethwe izinqeni.
  • Uma kade ukhulelwe ungathandi ukubopha isisu, kuthiwa ulala ngesisu lapho kuhamba khona izinkomo ngazozonke izinhlangothi siyancipha.
  • Akuhlalwa phakathi nomnyango ngoba uvimba imali.
  • Akuphunywa emnyango uhlehla ikakhulukazi uma ukhulelwe kuthiwa uzoba nenkinga uma sewubeletha.
  • Uma udla umile womelwa izindaba.
  • Uma udla komuntu okade ekhuluma kabi ngawe ulunywa yisisu.
  • Uma kuhlatshiwe ekhaya, unengane encane kumele ugeze izandla ngaphambi kokuyithatha kuthiwa ihlalwa abantu abadala.
  • Uma uhamba udla, lonetha izulu ngoku lomshado.
  • Uma kuduma izulu kumele kumbozwe zonke izinto ezicwebezelayo ngoba izulu lizongena.
  • Uma umuntu esengena ebudaleni kuthiwa kumele agqume ngeboza akhiphe ubungane.
  • Uma kushoniwe ekhaya noma kwamakhelwane, akuvumelekile ukulima kuthiwa kuyanetha isiqhotho.
  • Uma kubaba indlebe noma uziluma kusuke kukhona okhuluma ngawe.
  • Uma kubaba unyawo kusuke kunohambo ozoluthatha.
  • Uma kubaba isandla sokhohlo kusuke kukhona ozokupha imali.
  • Uma kudikiza ihlo ngasenhla kusuke kukhona ozombona, elangenzansi kukhona okuzokukhalisa.
  • Uma kudikiza umlomo wangenhla usuke uzohleka, owangezansi usuke uzokhuluma into ezokudina.

Izinkolelo

Lezizigameko ezingenzansi ezinye zazo zingamaqiniso futhi abanye bayakholelwa kuzo

Isambane: ukuhlangana nesambane kubika ishwa, kakhulukazi uma sike sabheka ngakuwe ngoba phela asimbheki umuntu
Ukudla bulala: Uma intombazane idla icambalele izinkomo zayo zamabheka ngeke zivume ukuhamba mhla ziqhutshwa
Inkezo yamanzi: Uma intombazane noma insizwa iphuza ngenkezo, liyokuna noma liphenduke izulu mhla ishada
Isikhova: Inyoni yemihlola kusuke kubika umhlola ozovela kini noma endaweni, uma ikhala phezu kwendlu ibika into embi ezokwenzeka kulowomuzi
Ukukhuluma kanyekanye: Uma abantu bethi bengalindele bathuke bekhuluma kanye Kanye into efanayo kusho ukuthi kukhona ozofika lapho ekhaya
Umkhulungwane: Uma inja ihlaba umkhulungwane isuke ibika isifo, kusuke kuzokhalwa kulowo muzi
Inkunzi: Uma ikhonya kube kungekho nkunzi eduze libika impi
Ulwembu: Uma isicabucabu sehlisa umucwe wolwembu endlini, kusho ukuthi khona isihlobo esizofika
Imbila: Uma ivuke yanqamula phambi kwakho kubika inhlanhla lokho
Induku: Uma uthi uyahamba endleleni bese kuwa induku yakho, yithatha bese uyikhwifa ngamathe kancane bese ukhomba ngayo phambili, wofika usuthe lapho uyakhona mawenze kanjalo
Ingane: Uma ilala izibutha, iguqa ngamadolo bese ilingisa ukulala kusho ukuthi khona ozofika emndenini
Ingulube: Ukuhlangana nengulube endleleni, ishwa lelo, kakhulu uma ithe ikubona yafulathela
Unogwaja: Uma ebaleke wangena ekhaya usuke ebika umhlola
Iqhude: Uma iqhude likhala phambi komnyango kusuke kusho ukuthi khona ozofika
Uthekwane: Uma endize wadabula phezu komuzi, ikakhulukazi uma ehlale phezu kwendlu, lokho kubika ukuthi kuzovela isifo kulowomuzi kungase kungene nezulu
Amanzi: Awaphonswa amanzi uma uwachitha ehlobo, kudonsa izulu lokho, uma uwachitha ungawasakazi futhi egcekeni kubiza izulu ukuthi lidlalele kulowomuzi
Iduku: leli elimiswa yintombi mayiqomile, uma selimiswa kamfana kumele lime liqonde noma litsheka alitshekele ekhaya kubo komfana hhayi lilalele ngaphandle komuzi lokho kubi uma litshekele ngaphandle lisho ukuthi abayokuphelelana noma ngeke baganane naleyonsizwa
Ungambuki: Uma ubuka isalukazi sichama kuthiwa wovaleka amehlo

Ungamlingisi umuntu: uma ulingisa umuntu okhubazekile usuke ukubiza lokho kukhubazeka okanye uzale nawe izingane ezikhubazekile

Ukujojwa Komuntu Owonileyo Endaweni

Ukujojwa komuntu othakatha ngemfene endaweni

Kuqala uma umuntu ethakatha wayevamise ukuthi asebenzise imfene kanti namanje baseyisebenzisa. Wayeba nemithi yokuthi umuntu olele angasoli noma angezwa ukuthi kunomuntu ohambayo egcekeni. Uthi uma uphuma ungakwazi ukuthi umbambe kuba khona imithi abeyi sebenzisayo abathakathi. Uma uthi ufuna ukumbamba ashibilike esandleni sakho. Kodwa abanye bavamise ukuthi bathumele izilwane zabo ziyothakatha. Abantu bakuqala babeyazi ukuthi imfene iyayizithanda izinsipho zotshwala bazozichela egcekeni naphezu kwendlu.

Ukucutshwa kwemfene

Kuzolalwa kungalelwe uma imfene yakho befuna ukuyibamba abantu bendawo. Kuzocushwa izinsipho ize idakwe bayibambe iyiswe konkosi ukuyobika. Ukuthi babambe imfene ekubukeke engathi ibithakatha futhi ibuwuhlupho. Inkosi ekuseni ezobiza wonke umuntu ohlala kuleso sigodi. Wonke umuntu bazohamba beye enkosini ukuyozwa ukuthi inkosi ithini. Bazothi befika abantu inkosi ibabekele ukuthi kubanjwe imfene manje umnikazi wayo akaziwa ukuthi ubani. Izothathwa imfene ibulawe ithi uma isivuthiwe kusikwe amaqatha amancane kusikelwa wonke umuntu. Banikwe bonke abantu iqatha kugadwe kungabi khona namunye umuntu ongeke alidle. Umnikazi wayo imfene uma ekhona uzokubonakala ngombala. Uzothi uyalilahla iqatha lemfene yakhe abindwe lime emphinjeni lingehli. Uzobe esebonakala ngombala ukuthi nangu umuntu obethakatha ngemfene.


Isigwebo

Uzoshawa lapho ngabantu baleso sigodi. Kuzothi uma sebemshayile inkosi ithi makajoje kulesisigodi, uzojojwa kanye nomndeni wakhe. Omunye umthakathi ithi inkosi ibiza abantu usuke esakwazi ukuthi babizelwani konkosi. Usuke esegqabe ngayo yonke imithi ukuthi nje uma ebanjwa nikwazi ukuthi nimxolele. Ngempela inkosi yayimxolela ngandlela thizeni. Imfene isilwane isehlakaniphile uma usitshela into iyenza injengoba injalo. Ababtu emakhaya abafuyile babevamise ukuthi izinkomo zingene ntambama kusakhanya ngoba imfene izongena nazo egcekeni ize iye esibayeni. Umthakathi wayeyifundisa ukuthi uma izinkomo zingena ebusuku kulowo muzi ayoma ngase sangweni igade. Yayima ke imfene ngase sagweni ilinde lezi zinkomo ezingena ebusuku iyongena kanye nazo ngeke ibonakale ngoba izoba phathi kwazo. Abantu base bethi inkomo mazingene ntambama kusakhanya. 

Ukuzila komuntu wesifazane uma esesikhathini sobudala

Izinto okungamele intombazane izenze uma isesikhathini


Kuqala uma ukhula uyintombazane wawuhlonipha kakhulu futhi umuntu owayevamise ukuthi abe seduze kwakho kwakuvamise ukuthi kube ngumuntu ongumzali wakho, umama. Noma ngabe ngumuphi umuntu wesifazane esemdala weyevamise ukuthi uma wenze iphutha kube nguye okutshela iziyalo. Aphinde akubonise ngokwempilo nangokuziphatha kanye nokuhlonipha usiko.

Uma uyintombazane ekhaya uvamise ukuthi kube khona izinto otshelwa zona ngumuntu omdala egcekeni. Ikakhulukazi uma kukhona izinkomo egcekeni. Izinkomo kuvamise ukuthi ziluswe ngumfana ekhaya kodwa nawo amantombazane eyezilusa kuqala izinkomo. Uma uyintombazane egcekeni wangena ezinsukweni zakho kuyahlalwa nawe phansi uyalwe. Emakhaya isiyalo esikhulu ovamise ukuyalwa ngaso ukuthi ungayi esibayeni sezinkomo.

Okwenzekayo

Intombazane yayiyalwa ngumuntu omdala ekhaya ongowesifazane. Ogogo kwaku yibona ababevamise ukuthi bayale izingane zamantombazane. Into eyayivamise ukuthi bayiyale ngayo ukuthi umuntu wesifazane akangeni esibayeni uma esezinsukweni zakhe. Wawutshelwa ukuthi ululaza izinkomo futhi ubulala isibaya somnumzane. Ukululaza izinkomo ukuthi uma inkomo kuyinkomazi ayisokwazi ukuthi izale izinkonyane eziningi. Uma izalile lezo zinkonyane azizokwazi ukuthi zizale kakhulu futhi zigcina ngokuthi zikhathale mhlambe zize ziphele. Uma kuyinkunzi ayizokwazi ukuthi ikhiphe inzalo eningi. Uma futhi umuntu wesifazane esesikhathini akavumelekile ukudla ubisi olusengiwe. Ubisi luyaphela ezinkomeni inkomazi ubisi lazo alube lusakwazi ukuthi luphume. Kube sekubonakala ukuthi kukhona umuntu oqeda isibaya.

Kuthiwa emakhaya uma sekubonakala ukuthi kuyonakala esibayeni kuthiwa kukhona obulala isibaya somnumzane. Inyama yenkukhu umuntu wesifazane wayengayidli nhlobo. Ngoba kwakuthiwa igazi lizoshisa kakhulu namaqanda wayengawadli. Futhi akavumelekile ukuthi umuntu wesifazane ame phambi komnyango uma esezinsukweni zakhe. Kuthiwa igazi lakho laliphuma kakhulu uma umi phambi konmyango. Lokhu kwakwenzeka ukuthi izinkomo zishelwe ubisi emabeleni. Nokuthi akakufanele waziwe esigodini ukuthi uma uyintombazane ukuthi usuyaya ezinsukweni zakho ngoba uma waziwa kanti kukhona umuntu abekade befuna ukumbulala kanti lomuntu uziqinisile ngomuthi kuzocelwa wena ntombazane owaziwayo ukuthi usungene ezinsukweni zakho. Uzothatha inhlamvu uyithintise egazini lakho lezinsuku zakho. Izothathwa leyo nhlamvu isetshenziswe ukudubula lowomuntu. 

Ukuzingela

Ukuzingela kwakungumdlalo njengeminye imidlalo ongabala kuyo imidlalo kalobhutshuzwayo, indlamu kanye neminye eyenza abantu bahlale bethokozile. Lomdlalo lawo uyabagwema abantu ekwenzeni izinto ezingalungile njengokuzinikela ekusebenziseni izidakamizwa kanye lasebugebengwini.

Abantu abazingelayo babizwa ngokuthi amaphisi bazingela izinhlobonhlobo zezinyamazane kanti iningi lazo zitholakala emahlathini kanye nasezimobeni. Labo abasuke beyozingela baba amaqembu ahlukahlukene ukwenzela ukuthi uma iqembu ebelihamba phambili lihlulekile ukuvusa inyamazane elilandelayo likwazi ukuyivusa.

Amaphisi uma eyozingela ahamba nezinja zawo bese ephatha namawisa ukwenzela ukuthi uma inyamazane ivuke eduze bayijikijele, izinja zona zisiza kakhulu ekutholeni umkhondo lapho inyamazane ingakhona kanti futhi zinejubane elikhulu lokuyixhala uma ibaleka. Uhlobo lwezinja ezisetshenziswa ekuzingeleni amabhansi kanye namablaki. Inja eyiblaki iba mfishane bese iba namadlebe amade uma idla ahusha phansi, iblaki libukhali kakhulu ekuzingeleni akwenzeki lingabuyi nenyamazane ehlathini. Uma inja iyibambile, iyayigada inyamazane kuze kufike umnikazi wayo ayithathe inyamazane ahambe nayo, noma esehamba nayo inja iyalandela ngemuva kanti ezinye aziyinaki leyomyamazane ngoba isuke isifile.

Izinhlobo Zezinyamazane Ezizingelwayo

Izinyamazane ezizingelwayo yilezo ezidliwayo kuphela, singabala izimpunzi (impunzi ihlupha kakhulu ngokudla ubhontshisi emasimini), unkonka (unombala omatulwa, uyingozi futhi uyahlaba), imbabala (ibomvu kanti ayinazo izimpondo), umhlangala, insimba, igqalashu, ivondwe, imvunzi (lolu uhlobo lwezinyamazane ezihlupha kakhulu ngokudla izinkukhu). Zonke lezizinyamazane zitholakala emahlathini nasezimobeni.

Izinkinga Ezivela Uma Kuzingelwa

Nasekuzingeleni zikhona izinkinga ababhekana nazo uma amaphisi ezingela. Kunezinyoka ezikhona emahlathini eziyingozi, kuyenzeka kwesinye isikhathi inja ishaywe inyoka ife. Nezinye izilwane ezilimaza izinja njengenkawu (inkawu iyayikwebha inja), ingulube yehlathi kanye nengungumbane (ingungumbane yona ikhipha ameva ahlabayo). Inja uma ilimele ayibe isakwazi ukuzingela kahle.

Izikhathi Zokuzingela

Abantu abazingelayo bavuka ekuseni kakhulu uma beyozingela ngoba basuke benzela ukuthi bazifice izinyamazane zingakavuki ezikhundleni zazo. Sikhona isikhathi okungazingelwa ngaso onyakeni, lesosikhathi kuba isehlobo.


Kunzima ukuzingela ehlobo ngoba kusuke kwenile, izinja azikwazi ukugijima kanti nezinyamazane azibonakali ngenxa yotshani obusuke bukhule kakhulu. Kanti ebusika kusuke kushisiwe emahlathini, kukhanya kahle. Inyamazane iyaphekwa umnikazi wayo bese ebiza amanye amaphisi aze koyidla, izinja zona ziphiwa isobho kanye namathambo. 

Ukwazi Isikhathi Ngokubheka Imvelo (Ilanga nezinkanyezi)

Emandulo amawashi engakabikhona abantu babekwazi ukuhlukanisa izikhathi ngokubheka izinkanyezi kanye nelanga. Babeziqaphela izinkanyezi futhi beziqamba namagama ukuhambisana nesikhathi esithile. Njengokuthi:

  • Indonsa - Lenkanyezi ephuma lapho kuqala khona usuku lokhokho ekuthiwa yiphakathi kwamabili. Kusuke sekuzokusa kanjalo futhi nezimo nezigameko zosuku olulandelayo sezizoqala, ngokuphuma kwalenkanyezi sesingasho ukuthi sekulusuku olusha.
  • Ikhwezi - Inkanyezi ephuma entathakusa sekukhala amaqhude. Kulapho uma uzoba nohambo olude usungaphuma ekhaya, kodwa kuthiwa kufanele ubhasobhe abathakathi ngoba yingalesisikhathi lapho sebebuyela emakhaya nezimfene zabo.
  • Ukuphuma inhlazane - Lapha kusuke sekusile nenhlamvu yelanga seyiphumile, sekuphuma izinkomo ziyoluswa. Isikhathi lesi lapho wonke umuntu esuke esevukile, phela kwakungalalwa esikhathini sakudala.
  • Emini bebade - Lapha isithunzi sesingaphansi komnikazi waso akukho okusha lapha kuqhubeka usuku njengenjwayelo.
  • Abantu bahle - Lisuke ilanga seliyoshona bonke abantu sebebahle begezile izinsizwa sezibuka izintombi, nezesheli zingazibekile phansi.
  • Isicela nkobe - Inkanyezi lena ephuma lapho amantombazane eqeda ukubilisa izinkobe, bese iphuma lenkanyezi kancane kungathi icela zona lezizinkobe eziphekiwe. Lapha kusuke sekuqala ukuhwalala.
  • Inqonqoyi - Inkanyezi lena ethi sekusebusuku, sekuzokuba kwesikabhadakazi, wonke umuntu kufanele ukuthi ngabe uselele. 

Umama lengane

Kwesukasukela! Cosi!
Kwakukhona!

Kwakukhona umama ehlala lengane yakhe, kulendawo ababehlalakuyo yayilamazimuzimu. Umama wayethi uma esiya emsebenzini ayitshiye yodwa ingane. Wathi umama kuyo uma ngibuya ngizothi imina mtanami imina umama wakho, ngicela ungavuleli muntu lapha endlini ngize ngibuye. Nangampela kwasa ngakusasa wahamba umama. Kanti izimuzimu liyezwa, lathi ngilambe kanje ushiya ingane yodwa lashonakhona. Lasho ngezwi elibi elihhadlazelayo yimina mtanami imina umamawakho. Yaphendula ingane akusilo izwi likamama leli.

Lahamba izimuzimu laya enyangeni lathi nginenkinga la kukhona ingane engiyifunayo lapha umamawayo uyishiya yodwa emini. Yabhodla inyanga yathi thatha ilahle ulifake emphinjeni uzoba nezwi elincane njengomuntu wesifazane. Lathi selikwalo labona kunzima ukwenzalento lithi kodwa ngoba inyama ngizokwenza njani. Nangempela lenza njengoba kushiwo, nangempela lashintsha izwi. Lashona kulomuzi walomama lamemeza vula mtanami imina umama wakho, yavula ingane langena layithatha ingane. Lahamba nayo ingane, lathi lihamba endleleni labona komunye umuzi kuphithizela langena kulomuzi. Lacela baliphe ukudla lathi ngizonizwisa umgodlagodla wami ukuthi ungcwele kanjani, yasho yacula ingane esakeni [ngangahlelembizeni kwafikindodendala]. Nangempela yacula ingane bezwa ukuthi kukhona into esakeni.

Umama wayizwa ingane yakhe wathi medemu kwangathi ingane yami nje leyo. Bacabanga isu balithuma izimuzimu ukuthi aliyokha amanzi kanti bazolinika ukhamba oluvuzayo. Lithe lisahambile bayikhipha ingane, bafaka izinto ezilimazayo esakeni. Bezwa limemeza kuyavuzavuza! baluphendule nameka ngodaka! lazelafika bali phakela ladla ladla laze laphuza nesizulu. Lagoduka lithe lifika kwalo lathuma ingane yalo yathi ifake isandla izwe ukuthi khonani yakhala ingane yathi kuyalumaluma. Wayithethisa wathi iyabheda wathuma enye nayo yakhala waze waziyela yena kanti akukho lutho esakeni.


Cosi! Cosi ! iyaphela 

UMantolwane lekameli lakhe

UMantolwane wayehlala yedwa entabeni. Wayehlala endlini encane. Engazihlanganisi nabanye abantu. UMantolwane wayefuye ikameli, wayethwala ngalo izinto zakhe uma ehamba.Kwakubanda ngalobobusuku. Wabophela ikameli emnyango, ngentambo ende. Wase eyazisonga naye ngengubo walala. Engakutholi ukufudumala phezu kokuba esezisongile ngengubo. Lase limemezile ikameli ‘Nkosi yami’ ngiyagodola lapha ngaphandle.Ungeze wangivumela ngifake ikhala endlini ukuze lifudumale.Waphendula uMantolwane ‘yincane lendlu ngeke size senele kulendlu sobabili. Nokho-ke ngiyakuvumela ukuba ufake ikhala lodwa.

Ikameli lalifaka ikhala kuthe ngemuva kwesikhashana lamemeza futhi ‘Nkosi yami. Ikhala selifudumele. Kodwa amadlebe ayabanda. Angikholwa ukuthi ngiyokuzwa ngawo kusasa ngingewafake wona athole ukufudumala.UMantolwane wathi, "Bengikutshelile ukuthi ayikho indawo yethu sobabili lapha endlini yincane. Nokho-ke wafake amadlebe wodwa ungadlulisi kuwo.

Lawafaka ikameli amadlebe endlini. Lezwakala futhi selimemeza ‘Nkosi yami. Sengifile amakhaza entanyeni. Angiboni ukuthi ngingase ngisebenze kusasa uma kungazekuse intamo igodola kangaka. Ungengivumele ngiyifake lapha endlini? UMantolwane, "Awuzwa yini ngithe ayikho indawo yethu sobabili kulendlu! Nokho-ke ngiyayazi ingozi yokungenwa amakhaza entanyeni. Yingenise intamo yodwa nje. Layifaka intamo ikameli yafudumala lathi imilenze yami yangaphambili isifile ngamakhaza. Ngingeze ngakwazi ukuhamba ngayo kusasa uma ingenwe ngamakhaza. Ungangivumela ngiyifake. UMantolwane wathi awuzwa yini umangithi kulendlu ayikho indawo yethu sobabili? Yifake imilenze yangaphambili yodwa. Ungadlulisi.


Ikameli layifaka imilenze, lase libuye lithi ‘Nkosi yami’ Sengifudumele lapha ngaphambili kodwa ngiyagodola lapha ngasemuva kungase kwenzeke kuse ngigula. Alabe lisacela manje ikameli lamane langena nje lama phezu kweNkosi yalo. UMantolwane wazilalela nje. Laphinda futhi ‘Sengikhathele ukuma sengifuna ukucambalala nami .Wathi uMantolwane ayikho indawo yethu sobabili lapha. Ikameli layiluma iNkosi yalo layikhiphela ngaphandle. UMantolwane wangenza lutho. Waphoqeleka ukuphumela ngaphandle. 

Thursday, 5 February 2015

Nurse finds her long-lost father in patient - HD


A Day in the Life of an ICU Nurse - Rook


Being a Nurse


UBuhlalusebenkosi


Kwesukasukela!

Kwakukhona intombazane enhle, yabe iyindodakazi yenkosi. Yabe ithandwa kakhulu nguyise, yayinezimpelesi ezaziyigada ziphinde ziyenzele konke ekufunayo. Lezizimpelesi kwakungamantombazane, amanye awo ayenomona.

Intombazane yenkosi yayihlala esigodlweni, kwakuthi uma seyithomba ihambe iyokha ibovu emphandwini owawusehlathini. Umphandu kwabe kungumgodi omkhulu owabe usehlathini. Lwafikam usuku lokuthi uBuhlaluse ahambe aye kokha ibovu. Bamthatha ababezohamba naye kanye nezinye izintombi bangena indlela. Bafika ehlathini ezinye izintombi zangena naye ezinye zasala ngaphandle.

Lezi ezasala ngaphandle zakha uzungu lokuthi abulawe uBuhlaluse ngoba zazinomona. Zavumelana ngokuthi akagqitshwe emgodini webovu. Nangempela benzenjalo bathe sebemgqibile bavumelana ngokuthi bazothi udliwe isilwane esibi, bathatha izingubo zakhe bazigcoba ngegazi legundane bazidabula. Bafika ekhaya basho njengoba bebevumelene.

Kwasuka esikhulu isililo emzini wenkosi, kwaqalwa kwazilwa kuthe sekudlule izinsukwana kwasuka indoda yaya kogawula ehlathini lapho kwakuye khona izintombi. Ithe isagawule kabili yezwa umuntu ecula ethi wemuntu ogawulayo ungikhonzele kubaba nomama usho ukuthi uBuhlaluse bamgqibe emphandwini webovu. Yasondela indoda yalalelisisa yabe seyimbona ephakathi emgodini yabe isimkhipha. Wabe esenciphile emzimbeni ngoba wayesenesikhathi engadli.

Indoda yamthatha yagoduka naye eseyichazelile ukuthi kwenzekeni. Amantombazane afihlelwa ukuthi uBuhlaluse utholakele. Inkosi yabe isinquma usuku okuzongcwatshwa ngalo uBuhlaluse kodwa kwakuzofihlwa izingubo kuphela ngoba yena wayedliwe isilwane sasendle. Kuthe ngalolosuku zabizwa zonke izintombi ezazikhona ngelanga lokukhiwa kwebovu.

Zithe zisahleli lezozintombi nenkosi nesizwe sonke waqhamuka uBuhlaluse esemuhle kakhulu kwazise wayehlezi endlini engaphumeli emnyango, zashawa uvalo izintombi. Wabe eseyixoxa yonke indaba yakhe uBuhlaluse. Inkosi yathi emabuthweni azibulawe zonke lezozintombi ezazinenhliziyo embi. Zafa kanjalo izintombi ezazinomona.

Cosu cosu yaphela!

INGANEKWANE: Uhetshe Lesikhukhukazi


Kwesukasukela!

Cosi!

Kwakukhona !

Sayipheka ngogozwane ibhodwe elincane umancishane

Kwakukhona usikhukhukazi owayakhelene lohhetshe bengabangani abakhulu behlala ngokuvakatshelana. Ngelinye ilanga isikhukhukazi saboleka inaliti yokuthunga kumngani waso uhhetshe. Sasifuna ukuthungela amachwane aso izingubo zawo. Uhhetshe wamboleka umngani wakhe inalithi, langampela wathunga usikhukhukazi wathunga lokwakhe. Wakhohlwa ukubuyisela inalithi lapho beyiboleke khona yaze yalahleka. Wafika esezoyifuna uhheshe. Wathi useyoyithatha lapho kade yibekekhona ayisekho, wayicinga lutho wangayithola. Wathi uyachaza kuhheshe lutho wayifuna la inalithi yakhe. Baxabana ngalo lelolanga wathi uhheshe ngicela uyifune uze uyithole ngoba ngizokwenza into ebuhlungu. Lutho ukuyithola uhheshe wathi uyabonake njalo ngizodla itshwele lakho woze uyithole inalithi yami. Kwabanjalo ngempela kuze kube manje uhheshe usazitika ngamatshwele esikhukhukazi, nesikhukhukaza sihlala siqhwanda njalo sifunana nenaliti yomngani waso ukuze baxolelane.

COSI! COSI! I yaphela

Umkhekazi lamasi


Kwasukasukela
Kwakukhona unkosikazi owayehlala nendodakazi yakhe nomyeni wayo. Zonke izinsuku babevuka bonke baye kohlakula emasimini bashiye bevube amasi abazowadla sebebuya. Babuvuba izinkamba ezimbili olunye olomkhwenyana olunye olwendodakazi. Umkhwekazi wayengawadli amasi akandodakazi wakhe.

Bavuka- ke baya emasimini bathi besashaye indima encane umkhwekazi usayochitha amanzi wanyonyoba waya ekhaya wathi angafika wakhumula isidwaba wagqoka ibheshu lomkhwenyana wathatha nesigqiki sikamkhwenyana wasibeka emsamu. Wathatha ukhezo wahlala phambi kwezinkamba waqala wadla kuzona zombili izinkamba esho ethi “ndi kolomntanami” “ndi kolomkhwenyana” wadla washaya wavala. Wathi angaqeda wabe esephindela ensimini esegqoke izingubo zakhe.

Bathi sebeqedile emasimini babuyela ekhaya beyodla bafika amasi engasekho babuza kumkhwekazi waphika walala ngomhlane wathi niyazi angiwadli amasi alapha ekhaya. Balala kwathi ngakusasa baphindela ensimini bashiya bevube amasi njengayizolo waphinda futhi umkhwekazi wenza njengayizolo bathi bayafika amasi awasekho. Kwathi ngakusasa umkhwenyana wamlandela umkhekazi wakhe engaboni wambuka engana endlini wadla amasi washaya esentwala uthe esethi uyahamba wambhadama umkhwenyana wathi hawu wenzani, wagwajaza umkhwekazi wabesethi umkhwenya ngizokuhlawulisa ngokuthi uye kongikhelela amanzi lapho kungakhalo xoxo khona.

Wahamba umkhwekazi waze wafika esizibeni sokuqala washo ngengila akukhali xoxo la, lakhala ixoxo wadlula waya kwesesibi lakhala futhi, waya kwesesithathu lakhala ixoxo kwathi uma esekwesesine kwathi nya. Wajabula wabe esekha ngesitsha sakhe wabe esephinda ephuza ngoba wesome kakhulu. Wabe esethi ukuhlala kancane ngoba lalilide ibanga ayelihambile. Wathi uma esethi uyasukuma kwangasukumeka wahlala engazi ukuthi uzokwenzenjani kwaze kwafika izilwane kanye nenkosi yazo zambuza ukuthi wenzani wachaza. Inkosi yathi akavunyelwe ukukha amanzi esizibeni sayo. Inkosi yasithatha isalukazi yayosivalela yathi sizodliwa kusasa.

Esinye sezilwane sadabuka savuka ebusuku saya kosikhulula isalukazi sathi asibaleke. Nempela sabaleka isalukazi saze sayofika kwandodakazi. Wajabula undodakazi wathi asingabophinde sone.

Cosu iyaphela

Uthekwane Nejuba


Kwasukasukela!

Cosu!

Kwakukhona!

Simpheke ngobhozwana!

kwakukhona uthekwane nejuba babengabangani abakhulu, babehlala bendawonye ngasosonke isikhathi. kwathi ngelinye ilanga ijuba lathi "mngani wami akesihambe siye emfuleni" wavuma uthekwane bahamba bahamba baze bafika emfuleni,Ijuba lathi akesizibuke wemngani wami, laqala ijuba lazibuka emanzini laselithi ngimuhle, ngimuhle, ngimuhle, Waseyalandela nothekwane wazibuka emanzini wathi hho hhe ngabe ngimuhle ngoniwa yilokhu nalokhu esho ikhanda nemicondo eluhlaza.

Cosu! cosu iyaphela.

Umfana Owayeyisilima - Inganekwane


Kwesukasukela!

Kwakukhona umfana owayeyisilima. Lomfana wayengenabazali wakhula kanzima. Abantu babengamthandi lomfana futhi wayengenabo abangane. Wayesebenza ukulusa izinkomo emzini yabantu. Abantu babeshaya sengathi bayamthanda uma kukhona ekufanele abenzele kona njengakho ukwelusa, ukusenga kanye nokulima. Kwakuthi noma kukhona okonakele endaweni kuthiwe nguye umfana owonile.
                                          
Wakhula ke umfana ngaphansi kwalezimo ezinzima. Kwakunzima noma umfana esethi uzama ukweshela ngoba zazingamfuni izintombi zimdelele. Waze wadela ukuthi uyoze abe nonkosikazi. Isikhathi esiningi wayesezihlalela yedwa. Kwathi langa limbeesazihambela ehlane wazithela phezu kwesalukazi esasigugile kakhulu. Lesalukazi sasisimbi kakhulu. Sambiza isalukazi sathi “mfana wami ngicela ukuthi ungikhothe izimbici.”


Nangempela umfana wasikhotha izimbici isalukazi. Kwathi eseqedile ugogo wathi, “Ngiyabonga mfana wami.” Saqhubeka isalukazi sathi, “Ngicela uye kuleyantaba.” Sisho sikhomba “uyongilandela impande yomuthi othile, ungakunaki okunye ozokufica .” Aqale umfana athi uyahamba wezwakala ugogo esembiza futhi, “mfana wami, uzwile ngithe unganaki okunye kodwa uthathe impande yodwa. Hamba-ke.” Athi angasuka umfana aphinde amemeze ugogo futhi,” Mfana wami, ngithe wenzenjani?” Aphendule umfana, “uthe ngithathe impande yodwa” sithe isalukazi sesimbiza okwesine umfana wavele wakha ngejubane nalentaba yayikude kodwa wagijima waze wafika kuyona intaba. Wafika phambi kwentaba, yavuleka intaba, wangena umfana ngaphakathi kukhona izitsha ezazigcwele imali. Umfana wazama ukubathatha noma ukubaphakamisa kodwa wangakwazi ngenxa yesisindo. Adlulele phambili abone ahlangane nobucwebe begolide waqhubeka waze wafika kwenye indawo enezitsha ezinhle. Umfana amangale kodwa abuye akhumbule ukuthi uthunywe impande. Aqhubeke umfana aze angene endaweni enentombazane enhle. Amangale umfana abambezeleke lapho esamangaliswe intombi enhle.


Azame ukuyikhulumisa futhi lentombi, ivume ukukhuluma naye ingamdeleli. Ajabule phela yena akakaze athandwe, ahlonishwe, wadumela intombi washiya impande ayeyithunyiwe. Wafika lapho ayengene ngakhona kwavuleka futhi waphuma nayo intombi umfana. Wathi angaphumela ngaphandle umfana yanyamalala intombazane. Wathi esamangele nomnyango wentaba wavaleka. Wathi eqalaza ukuthi intombazane ishone kuphi wangayiboni. Umfana wakhumbula iziyalo zesalukazi ebesilokhu simtshela ukuthi anganaki ezinye izinto kodwa athathe impande.

Wazama umfana ukubuyela emuva nokuvula umnyango kodwa lutho. Wakhala kakhulu umfana kodwa kwakungekho muntu ozomsizo. Wathi noma esebuyela lapho ayehlala khona abantu babemhleka ngoba bebona ubuwula bakhe ngoba bebazi ukuthi yena uzonotha yena wathathwa ubuhle bentombi. Umfana akaphindanga wasibona isalukazi leso futhi nentaba leyo iyesabeka akekho umuntu okwazi ukusondela kuyo. Umfana wayephiwa ifa yisalukazi leso kodwa ngenxa yokungalaleli imiyalelo yabadala wahlupheka waze wafa.

Cosu, cosu iyaphela!

Isifundo esitholakala kulendaba ukuthi umuntu akabolalela imiyalelo yabantu abantu.

Umama lengane (Inganekwane)


Kwesukasukela! Cosi!
Kwakukhona!

Kwakukhona umama ehlala lengane yakhe, kulendawo ababehlalakuyo yayilamazimuzimu. Umama wayethi uma esiya emsebenzini ayitshiye yodwa ingane. Wathi umama kuyo uma ngibuya ngizothi imina mtanami imina umama wakho, ngicela ungavuleli muntu lapha endlini ngize ngibuye. Nangampela kwasa ngakusasa wahamba umama. Kanti izimuzimu liyezwa, lathi ngilambe kanje ushiya ingane yodwa lashonakhona. Lasho ngezwi elibi elihhadlazelayo yimina mtanami imina umamawakho. Yaphendula ingane akusilo izwi likamama leli.

Lahamba izimuzimu laya enyangeni lathi nginenkinga la kukhona ingane engiyifunayo lapha umamawayo uyishiya yodwa emini. Yabhodla inyanga yathi thatha ilahle ulifake emphinjeni uzoba nezwi elincane njengomuntu wesifazane. Lathi selikwalo labona kunzima ukwenzalento lithi kodwa ngoba inyama ngizokwenza njani. Nangempela lenza njengoba kushiwo, nangempela lashintsha izwi. Lashona kulomuzi walomama lamemeza vula mtanami imina umama wakho, yavula ingane langena layithatha ingane. Lahamba nayo ingane, lathi lihamba endleleni labona komunye umuzi kuphithizela langena kulomuzi. Lacela baliphe ukudla lathi ngizonizwisa umgodlagodla wami ukuthi ungcwele kanjani, yasho yacula ingane esakeni [ngangahlelembizeni kwafikindodendala]. Nangempela yacula ingane bezwa ukuthi kukhona into esakeni.

Umama wayizwa ingane yakhe wathi medemu kwangathi ingane yami nje leyo. Bacabanga isu balithuma izimuzimu ukuthi aliyokha amanzi kanti bazolinika ukhamba oluvuzayo. Lithe lisahambile bayikhipha ingane, bafaka izinto ezilimazayo esakeni. Bezwa limemeza kuyavuzavuza! baluphendule nameka ngodaka! lazelafika bali phakela ladla ladla laze laphuza nesizulu. Lagoduka lithe lifika kwalo lathuma ingane yalo yathi ifake isandla izwe ukuthi khonani yakhala ingane yathi kuyalumaluma. Wayithethisa wathi iyabheda wathuma enye nayo yakhala waze waziyela yena kanti akukho lutho esakeni.


Cosi! Cosi ! iyaphela 

UMadinqi - Inganekwane


Kwasukasukela!

Kwakukhona unkosikazi nendoda, babenomntwana oyedwa womfana igama lakhe kwakunguMadinqi. Babefisa ukuba nomunye umntwana wentombazane kodwa babengamtholi. Umfana wayenesizungu edlala yedwa, kuthe ngelinye ilanga ubaba wakhe wakhuluma noMama womfana ukuthi kungcono bamthengele inja azodlala nayo. Wavuma umama, yathengwa  inja eyithanda futhi eyinakekela umfana.

UMadinqi wayesekhulile eseneminyaka eyishumi nanye, abazali bakhe babona kungcono ukuthi baye enyangeni ukuze bathole omunye umntwana. Nangempela baya enyangeni bayichazela inkinga yabo. Inyanga yabe isithi ababothuma uMadinqi azolanda umuthi ngoba isazoya kowumba ewuhlathini. Ngosuku olulandelayo bamthuma uMadinqi abazali bakhe ukulanda umuthi mamuyala ukuthi angawuvuli aze afike ekhaya. Nenyanga yafike yamdonsa ngendlebe umfana ukuthi angawuvuli umuthi endleleni.

UMadinqi wawuthatha umuthi wabe eseyahamba. Endleleni wawuvula umuthi wawuphuza wawuzwa umnandi, wawuphuza kwaze kwasala omncane, wathi uma efika ekhaya wawunikeza uMama wakhe. UMama kaMadinqi wawuphuza umuthi, zahamba izinsuku nezinyanga kwangenzeka lutho kodwa uMadinqi yena wayekhukhumalelwa yisisu. Kwathi langa limbe uMadinqi eyocupha izinyoni wezwa elunywa isisu, wathi ezikhulula kwaphuma ingane enhle yentombazane, wayithatha wayisonga ngejezi wabe eseyifihla ehlathini.

Njalo ekuseni wayethi uma esehamba eya kocupha athathe ubisi aluthele esitsheni afike ehlathini ayincelise. Kwahamba kwahamba, wasola uMama wakhe ukuthi kukhona okushaya amanzi ngoba wayengajwayele ukuya njalo kocupha izinyoni. Kwathi ngosuku olulandelayo wamlandela, uMadinqi engamboni uMama wakhe waze wayofika ehlathini. UMadinqa wenza njengenjwayelo wathi uma eseqedile wabe esebuyela ekhaya. UMama wakhe wasala wayithatha ingane wabuyela nayo ekhaya wafike wayifihla. UMadinqi wathi usephindela wafica ingane ingasekho, wabuyela ekhaya edumela. Wafike wahlala eduze kweziko wakhala. Wambuza uMama wakhe ukuthi ukhalelani wathi uxhoshwa intuthu. Wahamba umama kaMadinqa wayolanda ingane wabuya nayo wayinika uMadinqi, wajabula kakhulu uMadinqi eseyibona isithengelwe nezingubo ezinhle nobaba kaMadinqa wajabula esenezingane ezimbili.
Cosu iyaphela!

Wednesday, 4 February 2015

Ukumiswa kweduku


Iduku limiselwa umfana uma ethola intombi efuna ukuthi kwaziwe kubo kuthi bayathandana. Lilandwa abakubo kamfana bese izintombi babuyenazo lizofakwa kube khona nomselo kuze kuse kubungazwa lolusuku. Iduku lifakwa ngo 12 ebusuku umuntu ongumkhongi uyena omemezayo uma selifakiwe umemeza abafana abangakaqonywa ngamagama athi “Vukani nizoshela zishimane”. Uma eseqedile kuyasinwa eduze kwalo iduku bese kungenwa endlini kusinwe kuze kuse emnyango Lapho ekuseni lisuke seliphephezela kuthiwe inyoni emhlophe.

Izintombi ziyabuya ekuseni zizokwaba izitsha namaphinifa. Umfana ufakwa ubuhlalu basendlebeni amagaliga nobase sinqeni umgqulu. Iduku lima kuze kuphele isonto. Umfana ubuhlalu ubufaka noma isikhathi esingakanani uma engakabi nengane. Umfana iduku ulimisa noma ikangaki, kodwa intombazane ayilimisi kabili futhi akuvumelekile kusuka emandulo.

Umhlonyane lomemulo


Intombazane uma isifike esikhathini sayo sobudala ukuthomba yayenzelwa umhlonyane kuthi uma isineminyaka engama 21 yenzelwe umemulo ngokuziphatha kahle. Umemulo yilapho kubongwa khona intombazane ukuthi iziphathe yaze yabakuleso sigaba ekusona. Intombazane iyamuliswa noma isinengane noma ingenayo, umemulo wenzelwa intombazane kuphela kwezinye izikhathi intombazane yenzelwa umemulo uma izokwendela umkhweyana wayo. Kuqala kuphekwe utshwala ekuqaleni kwesonto ngoMsombuluko lapho amantonbazane asuke ezilungiselela umemulo zisina futhi zikhuza ingewu yilapho esuke ekhuluma ngolimi eluqojeme. Umuntu wesilisa akangeni lapho kukhona amantombazane ngoba izinto ezishiwo khona azimdingi.

NgoLwesine amantonbazane ayahamba ayolanda umkhonto kubo kamkhwenyana uma iganile. Uma ingaganile iwulanda komalume wayo. Zifika lapho zingene zingatshelanga muntu zithatha noma yini yakhona kwenzelwa ukuthi zithole umkhonto bese ziphinda emuva zihuba zithi ingewu.

NgoLwesihlanu kusuke kuzondliwa umkhonto futhi kubulawa izinkomo uma emabili amantombazane kubulawa eyodwa. Intombazane ayikwazi ukumula kukhona engaphezulu kwayo ingamulanga noma ngabe seyadlula emhlabeni umndeni uyaxolisa ngembuzi ukuthi ingabi nolaka umsebenzi uhambe kahle.

Lembuzi ibulawa ngoLwesihlanu kanye nayo inkomo yomsebenzi. Izintombi zithatha inyama yomkhonto ziyifake ezintini idliwa izalukazi kuphela. Ekuseni amantombazane avuka aye emufuleni eyogeza ngamanzi abandayo kubuywe lona omulayo azofakwa inyongo anikwe nomhlwehlwe wenkomo azowumbatha uma esesina icece lisinwa esigcawini esikhethwe ubaba wekhaya noma umuntu omdala emndenini wakho. Amantombazane asuke evunulile efake izigege. Kubuywa kube nomhlalo kuze kuse emnyango ngawo uMgqibelo.

Amasiko lemicimbi


Amasiko ilapho sisuke sigubha umkhosi othile. Kukhona lapho sibuyisa khona abangasekho noma sibungaza amakhosi kusuke kusinwa ingoma, isishiyame, ingoma yezintombi, Nokugiya kwabantu abadala obaba nomama bekikiza bebongela labo abasuke benza okuthile njengokusina.

 Amasiko ahlukeni ngazigaba zawo futhi nemithetho yawo ayefani. Ezikhathini zakudala izintombi zazihlolwa ubuntombi bazo njalo ngesonto. Elinye isiko elalenziwa kuthiwa uma umfana ethuke intombazane wayehlawuliswa ngenkomo ehamba ngezinyawo eyayidliwa yizintombi kuphela. Lenkomo yayingahlatshelwa ekhaya kodwa yayihlatshelwa emfuleni edlelwe khona.

 Inhlonipho yayibalulekile nokuthi ukhuluma kanjani nomuntu. Intombi uma isiqomile kwakuthiwa ineshende hhayi isoka ngoba babesuke bengakaganani noma isiko lokumiswa iduku lingakenziwa. Iqhikiza yilona elalibheka izintombi endaweni.

Imvunulo


Ngokwezigaba zabantu babevunulo ngendlela engafani njengokuthi izintombi zazibhinca izigege zingagqoki lutho kwesingenhla. Akekho umuntu owayetholwa edlwenguliwe ngoba kuthiwa akagqokile. Kwakugqokwa izigege, amabheshu, izidwaba, imfece, umqhele, amambayi ubuhlalu kubala okumbalwa.

Amasiko Lemicimbi Yesintu

Abantu abadala bathi isikhathi sakudala sasimnandi kakhulu uma besiqhathanisa lesikhathi samanje. Futhi bathi zazingekho izigameko ezimbi ezenzeka namuhla zenkohlakalo. Bathi bona babevunula ngemvunulo yesintu ngokwezigaba zabo futhi babenzelwa imicimbi noma amasiko umuntu uma esesigabeni esithize.